Community

Yelule isandla ifawundeshini i-MsengiWamabhubesi Foundation Inikele Ngejezi ebhola eMndozo Foundation for Change

NGABAOPHATHI be i-MsengiWamabhubesi.Izithombe.ZITHUNYELWE

IMSENGIWAMABHUBESI  Foundation yelule isandla  inikela ngejezi lebhola enhlanganweni engenzi nzuzo, i-Mndozo Foundation for Change, eholwa yizinduna ngaphansi kobuholi beNkosi uKubheka.

Lolu xhaso luyingxenye yokuzibophezela okuqhubekayo kweFoundation ekuthuthukiseni intsha ngokusebenzisa ezemidlalo, ukukhuthaza intuthuko yomphakathi, kanye nokweseka izinhlelo eziletha ushintsho oluhle emphakathini.

Ekhuluma ngesikhathi kunikezelwa leli jezi, uMphathi wezinhlelo zeMsengiWamabhubesi Foundation,uMfu Vusumuzi Kunene, uphinde wagcizelela ukuzibophezela kweFoundation ekutshaleni ikusasa lentsha nasekwakheni imiphakathi eqinile.

“NjengeMsengiWamabhubesi Foundation, siyakholwa ukuthi intsha iyikusasa lesizwe. Yingakho siqhubeka nokweseka zonke izinhlelo ezithuthukisa intsha, zakhe isimilo esihle, futhi zikhuthaze ukubambisana emphakathini. Siphinde sisabele obizweni lukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz. Thami Ntuli, lokuthi zonke izinhlaka zomphakathi zibambisane ekulweni nezinkinga zomphakathi. Ngokusebenzisana nabanye kanye nezinhlelo eziholwa umphakathi, sibamba iqhaza elibonakalayo ekwakheni imiphakathi ephephile, enempilo,enobunye nethembayo,” kusho uKunene.

IMsengiWamabhubesi Foundation ifisela i-Mndozo Foundation for Change impumelelo emsebenzini wayo wokuthuthukisa umphakathi, futhi inethemba lokuthi lolu xhaso luzoba negalelo elikhulu ekukhuliseni amathuba entsha, lukhuthaze ukubambisana, futhi lube nomthelela omuhle emphakathini wonke.

Related Articles

Back to top button