
Bomama yekelani ukudayisa ngezingane zenu, ziyalimala,eDannhauser
YINKOSI uMadoda Gravies Nkosi kanye noNdlunkulu , amabutho kanye nezintombi.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
BOMAMA yekelani ukudayisa ngezingane zenu, nijabulele ukuphuza onemenayithi (cooldriks),emasokeni eseniwabiza ngabakhwenyane, ziyalimala!
La mazwi ashiwo yiNkosi yaseMalangeni Kwa-Nkosi Traditional Authority, iNkosi Madoda Gravis Nkosi, eSpringbok,eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngoLwesithathu, (namuhla) mhlaka 15 Julayi 2026, ngenkathi ibimeme isizwe sayo esiqhamuka ezigodini ezingu-46, njengoba kulezigodi zayo kuneziNduna ezingu-46.
Uthe , siyisizwe siyabona ukuthi intsha ibhekene nezinselelo kanye nesihlava sokukhulelwa isencane , ukuzimbandakanya nezidakamizwa nokunye, yingakho sinibizile lapho ukuzonexwayisa ukuba nihlukane nalezihlava
“Ngabona ukuthi angisungule loluhlelo lokuhlanganisa izintombi amabutho sikhuze wona lo mhlola wokukhulelwa kwezingane zisencane kanye nokuzimbandakanya kuzidakamizwa,” kusho iNkosi Madoda, iqhuba ithi lo mcimbi ngawiqamba ngokhokho wami uMkhankanyeki waseMalangeni.
Uqhube wathi, ngalo mcimbi kuhloswe ngawo ukubuyisa isiko mpilo lethu, futhi sigqugquzela ukuthi mazibuye emasisweni, siphinde sidle ngoludala.
“Ngibone kubalulekile ukuthi, uma ngenza lo mcimbi ngimeme iminyango kahulumeni eyahlukahlukene ukuze nizothola izeluleko , kanye nokuniqwashisa njengoba nginithanda,” kusho iNkosi yakwaNkosi, iqhuba ithi bikani uma nihlangabezana nezinkinga.
USihlalo waseMalangeni uMnuz Mlungisi Mbonane uthe, niyizimbali sesizwe futhi iNkosi iyanithanda , yingakho ihlele lo mcimbi omkhulu kangaka, kanti futhi ihlose ukuniqinisa idolo.
UNobhala waseMalangeni uNano Msimango , obengumshayeli wohlelo uthe, kumele siqinisekise ukuthi sibuyisa amasiko ethu, sithandane, sibuyise ubuntu ebantwini.
Uqhube wathi, lo mcimbi uzokwenziwa minyaka yonke.
Kulo mcimbi bekukhona owesifazane owake waboshwa wagwetshwa isikhath eside naye obeyingxenye yalabo ebebezoqwashisa intsha ngokuthi kumele uma umusha uzigqelelanise namacala njengoba impilo yakho ngeke iphinde isafana.
“Uma umuntu ekhuluma into ongahambisani nayo yakha ubonda noma zigqelelanise naye,” esho.
Uthe endaweni yangakithi yimina owesifazane owake wagwetshwa wadonsa ejele futhi kwagcina ngami futhi, njengomuntu wesifazane.
USister Tracy Zwane uthe, sijabule kakhulu uma sithola lesi simemo njengoba silethe umtholampilo kubantu.
Uqhube wathi, siphinde sathokoza kakhulu njengoba sithunye i-Dannhauser CHC ukuba sizovimba izifo.
UNksz Nokusa Sithole onguHealth Promoter, emtholampilo eNaas Farm, uthe umsebenzi wami ukugqugquzela ezempilo, siphinde sihambele izikole , nemiphakathi ngayo inhloso yokugqugquzela ezempilo.
Uqhube wathi, niyasigqakazisa lesi sizwe , manje okusele ukuba nikwenze ukugwema ukukhulelwa nibancane, nokungena ezidakamizweni njengoba nobe nilulaza lesi sizwe.
“Sekwaba nomthetho othi uma kufika ingane eneminyaka eneminyaka engu-13, 16 newu-19, ikhulelwe , asihluphi sivele sifonele amaphoyisa njengoba usuke ungakakhulu ngokwanele ukuze uzimbandakanye nocansi,” kusho uSithole, eqhuba ethi umasihlekisane wakho uyaboshwa.
Uthe okubalulekile kini ukuthi wazi ukuthi uyaphi nempilo.
Uthe , kukhona izifo zocansi, ezifana nesandulela ngculazi kanye nayo uqobo, umdlavuza webele , kanye nomdlavuza womlomo wesibeletho uma ushesha uzimbandakanya ngokocansi ungakakhulu ngokwanele, isibeletho sakho sisuke singakaqini ngokwanele ukuthi singathwala umntwana.
Uqhube wathi kunohlelo lokugonyelwa kwe HPV , amantombazane kumele agonyelelwe sona.



