Community

Zihlonishwe ngesidlo sakusihlwa izinqalabutho zesikole AmaZulu,eNewcastle

ZINQALABUTHO ezihlonishwe ngesidlo sakusihlwa.Izithombe.ZITHUNYELE

INHLANGANA AmaZulu High School Alumni Association, ibungaze yaphinde yahlonipha izinqalabutho zakulesikole esizinze endaweni yaseMadadeni,eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngesidlo sakusihlwa (Gala Dinner), mhlaka 26 Septhemba 2026, emcimbini obubanjelwe eBlack Rock Casino, khona eNewcastle.

“Isitatimende esithunyelelwe ngumngcinimafa  we- AmaZulu Alumni Association, uNksz Lindiwe Khonjelwayo sithi:”  Lo mcimbi uhlanganise ama-alumni, othishanhloko bangaphambilini, othisha, abafundi, ozakwethu nabaxhasi, ngenhloso yokugubha umlando, ifa kanye nokwenza kahle kwe-AmaZulu High School.

“Lo mcimbi uphinde waqinisa ukuzibophezela kwenhlangano ohlelweni lwayo olubizwa ngokuthi “Sipha Umfundi Ikusasa, olugxile ekuhlanganiseni izizukulwane ukuze ziphinde zixhumane, zibuyise futhi zigcine ifa lesikole, kanye nokutshala imali ekusaseni labafundi, “ kulanda uKhonjelwayo esitatimendeni.

Uthe esitatimendeni, lo mcimbi ube ngumlando omkhulu njengoba ubuhlanganisa izifundiswa, ababengothishanhloko, abaholi abakhona manje esikoleni, amathishela , abantwana, amalunga omphakathi, izinhlaka ezikhona emphakathini kanye nabaseka isikole AmaZulu.”

Uthe esitatimendeni, lokubungaza lo mcimbi bekungesikona nje ukuba nesidlo sakusihlwa kuphela kodwa bekubuye kuhlonishwe abafunda, amathishela nabanye kulesi sikole kuphinde kuvikelwe isithunzi kanye nomlando omuhle owenziwa ilesikole ukuze lo mlando undluliselwe kwabalandelayo.

“Kubalulekile ukugcinwa komlando wesikole ukuze undluliselwe kusizukulwane esisazofunda kulesi sikole,” kusho uKhonjelwayo esitatimendeni.

“Sipha Umfundi Ikusasa” kusho isitatimende.

Uqhube wathi esitatimendeni, thina njenge Alumni Association ,sibambisene nesisebenzisana  nabo (partners), namalunga omphakathi wonkana ziyaqinisekisa ukuthi siyatshala kubafundi ngokwezemfundo ukuze babe nekusasa eliqhakazile.

“Othishanhloko abayisithupha bahlonishiwe ngezitifiketi, abafundi abenze kahle ezifundweni baklonyelisiwe nabo ngezitifiketi, kwathi uMnuz. Nhlanhla Mahlaba wanikezwa i-Legacy & Cultural Heritage Award,” kusho uKhonjelwayo esitatimendeni.

Uqhube wathi esitatimendeni, kulobusuku kube sekuhlonishwa ababebengothishanhloko bakulesikole abayisithupha abaqopha umlando ngokukhiqiza abafundi abaseqophelweni eliphezulu kanye nemiphumela esezingeni eliphezulu okubalwa kubo laba abalandelayo:

  • UMnuz SS Mazibuko
  • UMnuz T. Nhlabathi
  • UMnuz J. Masondo
  • UMnuz. SP Khulu
  • uNkk. CT Mpofana
  • UMnuz HN Ndlangamandla

Uqhube wathi esitatimendeni, kuphinde kwahlonishwa uthishanhloko okhona manje uNkk MP Msibi, osaqhubeka ngokuhola lesi sikole ngobuqotho..

 

Ilabafundi abaphasa ngamalengiso nabo abahlonishiwe:

  1. Dlamini Emihle — Mathematics
  2. Nduli Lindiwe — Life Sciences
  3. Bophela Mlungisi — Mathematical Literacy
  4. Bophela Mlungisi — Life Sciences
  5. Thusini Zama — Geography
  6. Buthelezi Ayabonga — History
  7. Nxumalo Siyamthanda — Accounting
  8. Nxumalo Siyamthanda — Economics

 

 

 

Related Articles

Back to top button