NGAMALUNGA amasha e-CPF eNquthu.Isithombe.SITHUNYELWE
LUBE yimpumelelo ukhetho lohlaka lomphakathi olusebenzisana namaphoyisa (Community Policing Forum), phecelezi CPF, obelubanjelwe eholweni lomphakathi Ezinkondlwaneni Community Hall, eNquthu ngoLwesine.
Uhlelo beluphethwe nguWarrant Officer Sithole kanti futhi beluhanjelwe nayikhhansela leWard uKhansela Hadebe.
UKhansela Hadebe ubonge kakhulu abe South African Police Services (SAPS), ngokuletha lolu hlelo emphakathini ukuze kuzovikeleke umphakathi wakulendawo.
Isikhulu ebesivela emnyangweni i-Department of Community Safety uNksz Sisi Mkhwanazi uthe esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, kubalulekile ukuthi kusetshenziswane phakathi kwamaphoyisa, umnyango we Community Safety and Liaison kanye ne CPF.
“Ukusebenzisana kwalezinhlaka kubalulekile kakhulu ngoba kugcina kunokuphepha nokuvikeleka kwezakhamizi,” kulanda yena uMkhwanazi.
UMnuz Boikie Sithole nguyena obebhekelele ukuqhubeka kokhetho nokuthi lihamba kahle ,kanti futhi ngaphambi kokhetho uchaze kabanzi ngendlela okumele luhambe ngayo.
Kube sekuhlakazwa uhlaka oludala kwakhethwa kabusha.
Uhla lwabakhethiwe lumi kanjena:
*USihlalo: Sinenhlanhla Ntshangase
*USekela Sihlalo: Sibusiso Buthelezi
*uNobhala: Nqobile Mashazi
*USekela nobhala*: Thulisile Ndebele
*UMgcinimafa: Siboniso Mazibuko
*uMxhumanisi: Timoty Dahile
Amalunga angeziwe
Mlungisi Ndlovu
Shakes Mkhwanazi
Zandile Sibisi
Ndoda Mhlungu
Linda Thusi
Nokubonga Mvelase
Pretty Mothloung
Kuphethe uConstable Siyabonga Nkwanyana ongumxhumanisi kwisiFunda uMzinyathi otshele amalunga akhethiwa ukubaluleka komsebenzi azowenzela umphakathi okuhloswe ngawo ukunqanda ukubhebhetheka kobugebengu.
Uphethe ngokubonga bonke abakhone ukuphumelela kulomhlangano.