AMAPHOYISA aKwaMashu asekhiphe isexwayiso sokuthi izakhamizi ziqaphele njengoba kunemigulukudu ezenza amaphoyisa kanti ihlose ukuqola izakhamizi.
Kubikwa ukuthi esigamekweni sakamuva nje esigcemeni sakwa J KwaMashu , kufike imigulukudu emibili , yafike yazenza amaphoyisa yabe isigebenge owesifazane oneminyaka engu-36, omakhalekhukhwini abane kanye nemali ngaphambi kokuba ishaye utshani.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe esitatimendeni, kuqolwe isakhamizi zaKwaMashu esigcemeni u-J , ngamaqola afike anqonqotha ezenza amaphoyisa , ase ethatha omakhalekhukhwini abane kanye nemali engadaluliwe, abe eseshaya utshani.
Uthe esitatimendeni, sekunezigameko eziningi ezibikiwe KwaMashu lapho kufika khona amaphoyisa mbumbulu , afike aqole abantu izimpahla zabo ezibalulekile.
“Kwesinye isikhathi bafike bangqongqoze, bazibize ngabaseshi bathi bazofuna izibhamuezingekho emthethweni, kanti bahlose ukubaqola,” kusho uConstable Ngcobo, eqhuba ethi, le migulukudu , ifika ifake izingubo zamaphoyisa ezingaphelele, ngoba uthola omunye eqgoke ivesiti yokuvikela inhlamvu, ikepisi, imasikhi kanye nokokuvikela imvula,” kuqhuba uConstable Ngcobo esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, laba baqola abantu bezenza amaphoyisa.
“Uma befika endlini bazenza amaphoyisa, bese bavele bathathe yonke impahla , bese beshaya utshani,” kuqhuba yena esitatimendeni.
Uphethe ngokunxusa amalunga omphakathi ukuba ayiqaphele le migulukudu, efike izenze amaphoyisa kanti ifuna ukubaqola, wathi uma ifika kumele bangayivuleli umnyango kodwa bacela amakhadi okuqashwa (appointment cards), noma bashayele amaphoyisa aseduzane ukubika laba abazibiza ngamaphoyisa kulenombolo 0860010111.