NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi. Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi esitatimendeni, umemezele ukuthi njengomnyango bahlongoza ukuthi Izinduna ezisebenza kahle kumele ziklonyeliswe.
Uthe esitatimendeni, lokhu kuklonyeliswa kweziNduna kuhloswe ngakho ukuba zona ( Izinduna ),zihlonishwe futhi kuqgugquzelwe ukubaluleka kwazo esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Kubikwa ukuthi uMfu Buthelezi wenze lesi simemezelo oNdini ngoLwesine (namuhla).
Kuphinde kwavela ukuthi uMfu Buthelezi wenze lesi simemezelo ngenkathi bekunomhlangano oNdini, woSihlalo, osekela Sihlalo bendlu yobuholi bendabuko (Local Traditional and Khoi-San).
Uthe esitatimendeni,Amakhosi kumele aqoke Izinduna , ezisebenza ngokukhulu ukuzikhandla , ezikuqikelelayo ukuthi zigcina ukuthula ezizweni eziziholayo , ukwakha uzinzo kanye nasekuqinisekiseni ukuthi kulwiswana nazo zonke izinqinamba ezikhona emphakathini (social cohesion).
“UMnyango uzibophezele ekutheni ubambisana naMakhosi ,ekutheni Izinduna ziyahlonishwa ngegqaza lazo ezilibambile kwizakhamizi,” kusho yena esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni ,Izinduna zibamba igqaza elikhulu ekuholweni kwezizwe zaMakhosi futhi izakhamizi zaziwa izona, wabe esethi usuku lokuklonyeliswa nokuhlonishwa kweziNduna luzomenyezelwa.