NGUMNUZ Thubelihle Buthelezi Ntombi Simelena wenkamani i-Bonenhle Investment kanye noyiBamba leMeya uKhansela Thembelihle Mthembu.Isithombe. LANGELIHLE CHAGWE
KUXHASWE osomabhizinisi abasafufusa ababili , abangaphansi kwesiFunda Amajuba , ngemishini emihlanu ,kanye nezinsiza zokuhweba ngezinkukhu ngenkathi oyiBamba leMeya kuMasipala Amajuba uKhansela Thembelihle Mthembu , egubha izinsuku eziyikhulu (100 days), egqogqobele esokubamba njengemeya futhi ethulela nezakhamizi osekwenziwe ngumasipala kulesi sikhathi ,ngoLwesine lolu.
Kubikwa ukuthi izinsuku eziyikhulu zikaKhansela uMthembu ziphele mhlaka 30 Mashi 2025.
Lokhu kwenzeke eMajuba emahhovisi ezezenhlekelele (Disaster management Centre) , ngenkathi oyiBamba leMeya yaseMajuba uKhansela Mthembu , egubha izinsuku eziyikhulu (100 days), egqogqobele lesi sikhundla selokhu kwesula owabe enguMeya uMntwana Ndabuko Zulu.
Uthe lezi zinsuku eziyikhulu egqogqobele lesi sikhundla kufana sengathi sekuyiminyaka emine (4 years), njengoba usumuningi umsebenzi osuwenziwe kulezi zinsuku ngaphansi kwesqubulo esithi ,“Sikhuphula izinga lokulethwa kwentuthuko emphakathini”.
UNkk Ntombi Simelane we Bonenhle Investment, esesiKobhareni, eDannhauser, uhlomule ngemishini emihlanu yokuthunga, kwathi uMnuz Mxolisi Khanyile yena wahlomula ngezinsiza zokukhulisa izinkukhu.
UNkk Simelane uthe , ngibonga kakhulu kuMasipala Amajuba ngokungixhasa ngalemishini emihlanu noma isashoda kodwa ukhona umehluko ezowenza enkampanini yami.
“ Siqeqesha abafundela ukuthunga izimpahla zokuqoka (textile and clothing) , baphinde bazikhiqize , siphinde siqeqeshe abenza ezepulanga , phecelezi ifanisha (furniture manufacturing),” kusho yena.
Uqhube wathi ,ukubhalisela ukufunda esikhungweni sethu imali engu-R500 kanti isiyonke yokufunda ingu-R3500 , kuhlanganiswa nayo lena yokubhalisa.
“Emva kokuba abafundi bethu sebephothulile ukufunda baklonyeliswa ngezitifiketi futhi sibhalisiwe isikhungo sethu ngaphansi kwe SETA,” esho.
Uqhube watho loluqeqesho luthatha izinyanga ezintathu vo.
Uphethe ngokuthi , eminyakeni emine endlule sebekwazile ukukhiqiza abafundi ababalelwa kwabayikhulu , asebegogodile kulemikhakha esibalulwe ngenhla.