KUNGENKATHI kunikelelwa ngezinsiza kufunda. Isithombe. SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uphothule uhlelo lwakhe lokuvakashela izikole esifundazweni ,wabe esenikezela ngezinsiza kufunda (Tablets), esikoleni samabanga aPhakeme i-Sicelokuhle High , esingaphansi kwesiFunda uThukela ngoLwesibili.
Kubikwa ukuthi umnyango wezeMfundo esiFundazweni saKwaZulu-Natal , wasungula lolu hlelo lokuvakashela izikole ngenhloso yokuphucula izinga lokuphasa ezikoleni.
UHlomuka uthe esitatiemendeni, thina njengomnyango siyaye sivakashele izikole ezingenzi kahle ezifundweni , njengoba siyaqinisekisa ukuthi zonke izikole ezingaphasi kahle ziyaliphucula izinga lokuphasa.
“Siyaye sivakashele izikole zika matric eziyaye ziphase ngaphensi kwamaphesenti angu-50, kanti futhi ezinye siyazivakashela ukuze sizikhuthaze ukuthi zenze kahle , “ kusho uHlomuka esitatimendeni.
“ Lezi zinsiza kufunda amathabhulethi (tablets), azosetshenziswa ngabafundi kanye namathishela afundisa ezobuchepheshe (digital ), ikakhulukazi kubafundi abenza izibalo, isayenzi kanye nezobuchwepheshe (used by learners and educators for Maths, Science and Technology), phecelezi MST,” kusho uHlomuka, eqhuba ethi, la mathabulethi asebenza njengamathuluzi okusiza abafundi namathishela abahlala baphinde bafundise ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya (Rural areas).
Kuphinde kwavela ukuthi konke lokhu kwenzeka ngaphansi kohlelo lomqondisi we Education Library Information and Technology Services(ELITS), ngaphakathi emnyangweni, futhi kwakhelwe ukuthuthukiswa kolwazi oluthathwe ezincwadini ezingu-60 000 ( digital library equipped with 60 000 books), lapho bonke abafundi bezokwazi ukufinyelela kuzo besebenzisa zona lezi zobuchwepheshe.
Uthe esitatimendeni , lepulatifomu yezobuchwepheshe (digital platform), kuholswe ngayo ukuhlola izinga lokwazi ukufunda kwabafundi , belekelelwe ekwazini ukuthola ulwazi emitapeni yolwazi besebenzisa ezobuchwepheshe bedigithali.
“ Sibonga kakhulu inkampani yakwa MTN , ebe nguMsamariya olungileyo futhi okuyiyona exhase ngalamathabhulethi , ngenhloso yokuhlomisa abafundi ngolwazi olutholakala kwezobuchwepheshe,” kusho uHlomuka.
Uqhube wathi esitatimendeni, abafundi abahlala ezindaweni zasemakhaya nabo kuyilungelo labo ukuthi baluthole ulwazi olutholakala kwezobuchwepheshe , obuvela emhlabeni wonke jikelele.
Ube esenxusa abazali, izakhamizi kanye nezinye izinhlaka ukuba kube yibona abaqinisekisa ukuthi lezi zinsiza kanye nempahla yesikole iyavikeleka , kwimigulukudu engase iyintshontshe futhi bakuqinisekise ukuthi ayicekelwa phansi ( protect from theft and vandalism).
“ Lezi zinsiza zizoshintsha izimpilo zentsha ukuze zizuze ulwazi olunzulu,” esho.
Uphethe ngokuthi ngaphandle kokuthola ulwazi ngemitapo yolwazi lezi zinsiza amathabhulethi , azobasiza ekufakeni izicelo ezikhungweni zemfundo ePhakeme kanye nasekuceleni imifundaze ezindaweni ezifana no NSFAS.