UTHELE izithelo umhlangano phakathi koNgqongqoshe ababili owezeMfundo uMnuz Sipho Hlomuka kanye nowezoMsebenzi woMphakathi (Public Works), uMnuz Martin Meyer, obekuhloswe ngawo ukuphuma nesisombululo sokuqhubeka nezinhlelo noma amaprojekthi abemisiwe, omnyango wezeMfundo.
Kubikwa ukuthi uMnyango kaMnuz Meyer wanquma ukuthi umise onke amaprojekthi omnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngenxa yezikweletu ezikwelethwa ilomnyango wezeMfundo.
UMnuz uHlomuka uthe esitatimendeni, siphume nesixazululo futhi lo mnyango uzoqhubeka nomsebenzi walamaprojekthi abemisiwe ngenxa yezikweletu.