NGAMAKHOSI ahlonishiwe kanye noNgqongqoshe uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nabaHoli boMdabu (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi, uhloniphe amakhosi aseNdlunkulu ayisishiyagalombili, ngeqhaza alibamba ekuqinisekini ukuthi ingoma iyathuthuka ezindaweni zawo.
Kubikwa ukuthi Ubuthelezi uhloniphe Amakhosi ngezitifiketi obubanjelwe e-Coastlands Hotel ngoMgqibelo (namuhla), ngenkathi bekuneGala Dinner.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango uSenzelwe Mzila sithi,” Lokhu kwenzeke kwi-Gala Dinner, ebeyibanjelwe eCoastlands Hotel, eMusgrave, lapho bekunomcimbi wokuhlonipha nokubonga amakhosi, izinduna kanjalo namagoso amaqembu azobe enandisa namhlanje emcimbini Ingoma kaZwelonke, ehlelwa nguMnu Xolani Mcineka nekomidi lakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi onamhlanje sekungowesine kanti enyangeni edlule, uMnyango wakwaCogta, uveze ukuthi usunabanye abaxhasi balo mcimbi waphinde wazibophezela ekutheni nawo uzolekelela ngokusemandleni awo ukuthi lo mcimbi wengoma ube sezingeli eliphezulu.
Isitatimende sithi,” Phakathi kwamakhosi ayisishiyagalombili ahlonishwe nguNgqongqoshe Buthelezi nathe enza ngokusemandleni ukukhuthaza intsha ukuba ibambe iqhaza engomeni kube yiNkosi uBiyela yaseSanguye, Inkosi uMpungose, yaseMahlabathini, Inkosi yaseMachunwini eMsinga, Inkosi yakwaDlomo eNkandla, Inkosi yakwaShange eShowe, Inkosi yakwaMzimela eMthunzini, Inkosi yakwaNgcobo eNdwedwe, Inkosi yakwaMakhanya eMbumbulu, kanye nenkosi uBiyela yasoBuka,” kusho isitatimende.
UMzila uthe esitatimendeni uNgqongqoshe uButhelezi uphinde wanikezela lamakhosi ngezitifiketi kanti kakuwona kuphela ahlonishiwe njengoba ephinde wachoma namagoso ngophaphe lwegwalagwala ngeqhaza alibamba ekutheni ingoma ingashabalali baphinde bahlanganise izinsizwa nezintokazi.
“Amagoso ahlonishiwe kube nguDalofu Msheshana Mkhize, nguMasithela Dingizwe Nxumalo, nguNhlanhla Thisha Mahlaba, nguMthembeni Bholane Mthimkhulu, nguMjwayeleni Saboshwa Mzimela, nguSihle Masango kanye noMntwana uThokozani Nkinobho Zulu,” kusho uMzila esitatimendeni.
“Likhulu kakhulu igalelo lamakhosi ekuthuthukiseni ingoma kanjalo kasikwazi ukukhohlwa yigalelo lamagoso. Ingoma inanamandla okuqeda izimpi zezigodi nokuyinto esesike sayibona yenzeka.
Ingoma sizoyeseke ngoba sibonile ngisho omasikandi abadumile abaqale begida ingoma kodwa manje sebekwelinye izinga. Siyabonga kakhulu kuMnuz Mcineka nekomidi lakhe ngalomcimbi oqhubekayo kuyimanje ePeople’ Park, eMoses Mabhida,” kusho uShenge.
Angaphezulu kwangamashumi ayisishiyagalombili (80), amaqemvu azobe edlana imilala namhlanje kanti kuwona kukhona ayishumi(10), abesifazane okuhlanganisa naholwa nguGandaganda, uMjijimi noNdoni.