KUBOSHWE umsolwa kwashaqwa izidakamizwa zohlobo lweMandrax, Osizweni, Newcastle, KwaZulu-Natal, ngelendlule!
Kuvelile ukuthi amaphoyisa oPhiko lwezobuNhloli, abehamba ezulazula kulendawo esibalulwe ngenhla ehamba efuna izidakamizwa, abe eselunywa indlebe ngamalunga omphakathi uwabikela ukuthi kunomsolwa osendaweni yaseManzana osolwa ngokushushumbisa izidakamizwa. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseNewcastle, uNkk Lizzy Arumugam, lamaphoyisa abe esegasela kulomuzi alayelwe wona, lapho efika athola amaphilisi amathathu agcwele kanye nelinguhafu abe esebopha umsolwa oneminyaka engu-24, obhekene necala lokutholakala nezidakamizwa kanye nokushushumbisa izidakamizwa. Kuvelile ukuthi lamaphilisi angabiza R300 ngentengo yasesitaladini kanti nomsolwa usevelile eNkantolo kaMantshi waseMadadeni. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka, kanti naye umsolwa uzobuyela enkantolo maduzane.
Odilakajele abane kowadlwengula abafana abane,eMbali
INKANTOLO yesiFunda yasePietermaritzburg , igwebe uLindani Gcumisa oneminyaka engu-46 , wase Mbali Unit 18,ePitermaritzburg, odilikajele abane emva kokuba elahlwe ngamacala...