AMATHIMBA ezimo eziphuthumayo (KWAZULU-Natal Provincial Disaster Management Centre, phecelezi (PDMC), isiqalile ihlanganisa usizo oluzonikezelwa emindenimi ekhahlamezekile ngesikhathi kusha imijondolo eDakota, eSipingo ku-Ward 90, ngaphansi kukamasipala weTheku.
Isitatimende esithunyelwe okhulumnela uMnyango wakwa Cogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” Amathimba ezimo eziphuthumayo aphuthume kulemdawo yesigameko, akwazi ukusheshe awunqamule umlilo.”
“Njengamanje kusabhekwa ukuthi umonakalo odalekile ungakanani , futhi kabekho okubikwe ukuthi balimalile noma badlule emhlabeni ngenxa yalesi sigameko,” kusho uMzila esitatimendeni., eqhuba ethi i-PDMC isebenza ngokubambisana noMasipala weTheku nezinye izinhlaka ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi imindeni ethintekile ithola usizo eludingayo ngokushesha.
“Imibiko ibisaveze ukuthi ingaphezulu kwekhulu imijondolo eshile kanti balinganiselwa ngaphezulu kuka-200 abantu abasale dengwane,” esho esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni okwamanje kusenziwa uphenyo ukuze kutholakale umsusa walesi sigameko yize noma zikhona izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi ususwe yimbawula, njengoba abaningi beyisebenzisa kwazise kumakhaza kulezi zinsuku.
UNgqogqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, unxusa izakhamuzi kulesi siFundazwe saKwaZulu-Natal ukuthi zihlale ziqaphelile ikakhulukazi abahlala emijondolo , lapho kujwayele ukuthi kuqubuke umlilo. “ Kuzokhumbuleka ukuthi nasenyangeni edlule kuNhlangulana amathimba ezimo eziphuthumayo ake ayosiza kweminye imijondolo nakhona kuhlasele umlilo,”kusho uButhelezi esitatimendeni.
“Njengemizamo yokulekelela umnyango usukhiphe izinto ezifana nama-smoke alarms, ama-fire beaters nama-knapsack tank unikeza imiphakathi. Lena ngeminye yemizamo yokulwisana nalemililo ehlasela kakhulu emijondolo.
“ UNgqongqoshe Buthelezi uzibophezelele ekutheni kumele kube nesixazululo okuzoqhamukwa naso ikakhulukazi emiphakathini ehlala emijomdolo,” esho esitatimendeni.
“ Iminyango enjengowokuHlaliswa kwaBantu, owokuThuthukiswa kwaBantu kanye nowakwaNdabazabantu, nayo isithunyiwe ukuba ilekelele,” kusho uButhelezi esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi kuphinde kwasungulwa nekhishi lapho bezocosha khona okuya ngasethunjini, ngosizo lwezinhlaka ezahlukene ezisebenzisana nomnyango.