ABE-HOLLYWOOD Foundation bebambisene neGagasi FM bavakashela isikole samabanga aphakeme, iMcushwa High School, eMargate, ngoLwesihlanu ngenhloso yokuyonikezela ngemifundaze kubafundi bakulesi sikole abaphase u-matric ngamalengiso.
Lokhu bakwenza ngenhloso yokuqhakambisa nokubeka imfundo phambili. Okhulumela i-Hollywood Foundation, uVuyisile Ngobese, uthe abafundi abayishumi abaphase ngamalengiso bazohlomul angaphansi kohlelo olwaziwa nge-Hollywood Foundation’s Future Is Bright Bursary Programme.
“Kwabazohlomula kulo mfundaze, bazoklonyeliswa ngama-laptop enikezelwe yi-BET Sotfware, azobasiza ezikhungweni zemfundo ephakeme. Phakathi kwabafundi abayishumi abahlomule kulolu hlelo, kubalwa uNomandla Lubanyana oyofunda e-University of Johannesburg(UJ), Okuhle Qadi oyofunda eDurban University of Technology (DUT), noBlondi Khowa oyofunda e-University of Fort Hare.
Laba abanye abayisithupha nabo abayingxenye yabalishumi abaphase ngamalengiso, bona bazohlomula ngama-starter packs okubalwa izikhwama zokulayisha izimpahla (luggage), igilosa kanye nevawusha yezinto zokulala, notepads, amapeni nama-power banks, ukuze kubasize ukuzilungiselela ukuya ezikhungweni zemfundo ephakeme,” kusho uNgobese.
“Ngaphezu kwalokho i-Mcushwa High School yona izohlomula nge-laptop ne-printa okuzolekelela abafundi uma befaka izicelo zokuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme nokuthola izinhlelo zasemanyuvesi.
Lokhu sikwenza kulesi sikole ngenhloso yokuzobungaza ukwenza kahle kwabafundi baso baka-matric ezifundweni ngonyaka ophelile, njengoba kuzokhumbuleka ukuthi lesi sikole salungiswa ngonyaka ophelile, safakela impombi edonsa amanzi phansi (borehole), kwalungiswa izindlu zangasese kwaqinisekiswa nokutholakala kwamanzi ahlanzekile.”