NGAMAKHOSI abethamele umcimbi kanye noNgqongqoshe uThulasizwe Buthelezi. Kwesinye uNgqongqoshe uButhelezi kanye neNkosi uBrian Lushaba. Izithombe. Zithunyelwe
KUBE yinqophamlando kwethulwa isikhwama sezimpesheni (pension), saMakhosi, uhlelo lwezempilo (medical aid), kanye nohlelo lokongiwa imali (investment), ngoLwesine (izolo), oNdini.
Usuku oliyingqophamlando lapho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa nguMfu. Thulasizwe Buthelezi, ethe esitatimendeni lolu suku lumkhumbuza iNkosi Mangosuthu Buthelezi, uMntwana wakwaPhingangene, osakhothama ngeqhaza aba nalo ekulweleni Amakhosi ukuze athole inhlonipho efanele.
“Uyedwa vo umhloli owaba nombono ngesakhiwo soBukhosi ePhalamende, lowo kwaba nguMntwana wakwaPhindangene. Lowo mbono uwushiye kuNgqongqoshe wakwaCogta kuzwelonke uMnuz Velenkosini Hlabisa kanjalo nakuNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli. Yilabo baholi bobabili abaphethe umbono kaMntwana wakwaPhindangene,” kusho uShenge esitatimendeni.
“Namhlanje ngusuku olubalulekile lapho sizokwethula khona uhlelo olungakaze lwenzeke kulo hulumeni wentando yeningi. Luzofakazela izimiso zethu zokubuyisa isithunzi sobukhosi. Kuyasijabulisa nokubakhona koNdlunkulu baMakhosi ngoba kasifisi bazizwe besele ngaphandle. NgoLwesihlanu olwedlule besiseMandeni ngaphansi kwesiFunda iLembe, lapho sishiyele oNdlunkulu baMakhosi izinsizakusebenza zamabhizinisi ukuze nabo bakwazi ukuzithuthukisa,” kusho uShenge esitatimenden.
“UNgqonqoshe uveze ukuthi yize noma uMnyango wakwaCogta kuyiwo obhekelele izindaba zamakhosi kodwa kuqubuka imvunge njalo uma kunezinhlelo ezithuthukisa amakhosi eziqubuka ePhalamende kuthiwe makaphendule.
“Namhlanje sizokwethula uhlelo olubizwa ngokuthi yiMakhosi Legacy Plan, enezigaba ezintathu ezolekelela amakhosi ngempesheni, yi-medical aid nokongiwa kwemali.
“Kuningi sibona Amakhosi esebenza impilo yawo yonke kodwa uma esekhulile angahlomuli ngalutho, kodwa ebe ekade esebenzela imiphakathi yawo,” kusho uShenge esitatimendeni. “
Kulolu hlelo ngisho oNobhala basezinkantolo zamakhosi nabo kukhona abazokwazi ukukuhlomula, kuthi uma sebephuma emsebenzini nabo baphume nempesheni yabo.
“Kulolu hlelo lwesikhwama sempesheni kukhona Amakhosi azokukhipha kuphinde kubekhona okunye okuzokhishwa nguMnyango wakwaCogta. Uhlelo lwe-medical aid sikhethe ukuthi sisebenzisane noBonitas ngoba Amakhosi abenalo uhlelo lwezempilo obelufana nento engekho. Lapho Amakhosi edinga usizo lwezempilo bazoqonda ngqo ezibhedlela ezizimele bathole ukwelashwa ngendlela enenhlonipho. Kuzophinde kube nohlelo lokubekwa kwemali (investment), okuyoba yifa inkosi elishiyela izisukulwane.
“Siphinde sathatha izinqumo sokuthi kuqalwe kabusha umthetho obizwa nge-KwaZulu-Natal Traditional Leadership and Governance Act, 2005 (Act No. 5 of 2005), ngoba ubushiya kunezinkinga eziningi emindenini ngakho-ke sifisa ukuthi uchibiyelwe kabusha. Lolu hlelo sesiphezu kwalo sisazohambela izindawo zaMakhosi sithathe imibono eyahlukene. Lomthetho okhona ngokusho kwamajaji asesibhekele wona ufana nento engekho yingakho sifisa ukuthi uqalwe phansi ukuze ungagcini usidalela izinkinga ,isihlalo soBukhosi sithathwe ngumuntu ongafanele,” kusho uShenge esitatimendeni.
“USihlalo weNdlu yamaKhosi KwaZulu-Natal, iNkosi Sifiso Ndelu, uncome umsebenzi omuhle athe wenziwa nguNgqongqoshe woMnyango uMfu. Buthelezi.
“Lokhu ukusho bekuhleli iNdlu yaMakhosi noNgqongqoshe uButhelezi, obekungumhlangano obewubanjelwe oNdini.
Inkosi uShinga uthe yize noma bekufanele ngabe kuvulwa iNdlu ngokusemthethweni nokugcine kuhoxiswa kulandela ukuthi iNdlunkulu kaZulu isemanzini ngemuva kokudlula komunye woNdlunkulu othathwa njengongumgogodla eNdlunkulu.
“Sibikile kusona ISilo ngalomcimbi wanamhlanje wawunika isibusiso ngokwake, siyacela ukuthi siwenze ngesizotha sikhumbule ukuthi kuziliwe.
“Njengesigungu esiphezulu seNdlu yaMakhosi, siyabonga kakhulu kuNgqongqoshe uButhelezi ngendima enkulu ayidlalayo njengoNgqongqoshe wakwaCogta. Kuningi njengamanje esikubonayo nesikukhombayo selokhu engenile kulesi sihlalo kusukela onyakeni odlule,” kusho Inkosi uShinga esitatimendeni.
Uqhube wathi uyakholelwa ekutheni ekutheni uNgqongqoshe uButhelezi usebenza kahle kangaka naMakhosi ngoba enenhlonipho enkulu ngoBukhosi baKwaZulu neqhaza elidlalwa ngaMakhosi.
“Ziningi izinhlelo azenzela Amakhosi nokusikhombisayo ukuthi uzibophezele ekutheni kufezekiseke akusho efika ukuthi ufisa ukuthuthukisa Amakhosi.
“Sike sabona sesiyobuka nomdlalo uShaka iLembe, singaMakhosi ngokukhethekile,kuhlelwe nguye uShenge noMnyango wakhe,” kusho yena esitatimendeni. Amakhosi angamashumi amahlanu abe esenikezelwa ngama-Laptop nama-printer ngokubambisana nabakwaVodacom.
“Olunye uhlelo esiziqhenya kakhulu ngalo yilolu esilwenza ngokubambisana ne-UKZN lapho Amakhosi angamashumi amahlanu efunda kulesi sikhungo nokuyiwo esiwanika ama-laptop nama-printer. Siwathulela isigqoko Amakhosi akulolu hlelo njengoba ekwazile ukuhlangana noMbhishobhi omkhulu uDokotela Thabo Makgoba ewacijisa ngokuba ngabaholi abaqotho,” kuphethe okaShenge esitatimendeni.
