NGAMALUNGA eqembu uMkhonto WeSizwe, abafundi, amathishela kanye nelunga lePhalamende KwaZulu-Natal uMnuz Thokozane ‘Stix’Nene. Izithombe. LANGELIHLE CHAGWE
IQEMBU loMkhonto WeSizwe , lelule isandla ezikoleni ezimbili ezingaphansi kwesekethe i-Buffalo Flats ngokunikelela ngezicathula kubafundi bezikole ezimbili i-Sizimele High School kanye ne Siphuthando High ngoMsombuluko (namhlanye).
Kuzo zombili lezi zikole kunikelelwe ngezicathulo ezingamashumi amabili (20), ngasinye.
“Asilingani ngokwamazinga empilo kukhona abaqhamuka emakhaya afudumele kanti futhi kukhona abaqhamuka emakhaya ahlwempu, yingakho sibone kufanele ukuthi siyonikelela kubantwana abavela emakhaya angathathi ntweni ngezicathulo,”kusho ilungu lePhalamende KwaZulu-Natal uMnuz Thokozane ‘Stix Nene, eqhuba ethi, kubuhlungu ukubona abafundi beya esikoleni begqoke izicathulo ezidabukile noma behamba ngezinyawo.
Uthe sifisa ukuthi uma abafundi begqoke umfaniswano bafane nabanye , waphinda wathi lokhu sikwenze ngesikhathi lapho izicathulo zidingeka khona njengoba kuyisizini yasebusika.
“Iqembu uMkhonto WeSizwe lakhelwa ngaphansi kwesisekelo sobuntu (humanity), yingakho nathi namuhla sizokhombisa ubuntu ngokunikelela ngezicathulo kwabantulayo,”kusho uNene.
Uqhube wathi, uMkhonto wakhelwa ngaphansi kwesisekelo sobuntu.
“UMengameli waleli qembu uMnuz Jacob Zuma uhlabe ikhwelo lokuthi siphume zinkalo zonke, silungise izimo zabantu, abahlwempi nabangathathi ntweni, sishintshe izimpilo zabo futhi,”kulanda yena.
“Kukhona izingane esezashonelwa ngabazali phakathi kwalezi ezihlomulile kanye neziqhamuka emakhaya lapho abazali bengasebenzi khona, futhi zihlonzwe khona ezikoleni ezifunda kuzo.
“Uhlelo lusazoqhubeka sihambele nezinye izikole, siqhuba ubuntu nokunakelela,”esho.
Uphethe ngokuthi lolu hlelo alugcini namuhla kodwa luwuchungechunge njengoba sisazohambela nezinye zezikole.
Uthishanhloko wase Siphuthando uMnuz Zakhele Mkhwanazi ubonge kakhulu eqenjini wabe eselinxusa ukuba libuye lizoxhasa njengoba izindonga zesikole zingekho esimeni esihle.
Uthe lesi sikole sesiqophe umlando omkhulu ngokuphasa ngamalengiso, njengoba kusukela ngonyaka u-2019, siphasa ngamaphesenti ayikhulu (100 %), kuzivivinyo zikamatric.
Uphethe ngokuthi siyabonga kakhulu ngenisenzele kona ikakhulukazi abantwana abangathathi ntweni.
“Siyabonga kakhulu ngokusinakelela futhi sibongela abantwana abahlomulile ngezicathulo,”kusho uSekela thishanhloko wase Sizimele High,üMnuz Vela Ngobese.

