KUNGENKATHI amaphoyisa ase Glencoe ehlanza umuzi wesaguga.Izithombe.ZITHUNYELWE
SINGABANTU nathi, asigcini ngokulwisana nobugebengu kuphela, siphinde silekelele emphakathini.
Amaphoyisa ase Glencoe ebambisene , nohlaka lo mphakathi olusebenzisana namaphoyisa ekulwisaneni nobugebengu (Community Policing Forum), i-Glencoe Street Patrollers, i-Youth Desk kanye noMnyango weZempilo (Health), bahambe bayolekelela umndeni ongathathi ntweni wesaguga e-Matshotshombeni, eGlencoe, ngeviki elendlule.
Kubikwa ukuthi lezi zinhlaka zihambele umuzi wesaguga esineminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye , esihlala nabazukulu abane kanti nomuzi waso lesaguga awukho esimeni , base beyohlanza umuzi waso.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, sibone kubalulekile ukuthi selule isandla kulesaguga esingathathi ntweni.
Uthe esitatimendeni, amafasitela abefile , iminyango nayo ifile, izindonga zibhidlikile kanti nephansi lwendlu alikho esimeni.
Uqhube wathi esitatimendeni , sithe uma sifika kulomuzi wesaguga sathola ukuthi akukho ngisho ukudla lokhu.
“Leli thimba libe selihlanza indlu , lafaka amafasitela amasha, lapenda izindonga, lanikela ngegilosa labe seliphinde linikela ngezingubo ezifudumalayo njengoba kuyisizini yasebusika.,” esho.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni njengoba nathi singamaphoyisa siyabugqugquzeleka UBUNTU (Humanity), futhi singabantu kanti futhi siphila emiphakathini

