NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi. Isithombe. SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi unxuse uMasipala weTheku ukuba uzame ukuqhamuka namasu nezindlela zokuqoqa imali okweletwa zona yizakhamizi lokhu kulandelwa ngukulahlwa icala kwalomasipala eNkantolo yezoMthethosisekelo ngoLwesithathu (Constitutional Court), lokuba bakhokhele usomabhizinisi (service provider), isamba semali engu-R30 million , emva komdonsiswano osuthathe iminyaka emibili.
Kubikwa ukuthi uMasipala weTheku ubuseNkantolo yezoMthethosisekelo kanye nosomabhizinisi ebebengaboni ngaso linye nawo kodwa umasipala wachithwa icala, wabe usuyalelwa ukuthi ukhokhe isamba semali esingu-R30 milion.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango wakwa Cogta uMnuz Zenzelwe Mzila sithi,” Lo mdonsiswano phakathi kukamasipala kanye nosomabhizinisi waqala ngonyaka u-2023 emva kokuba kwanqanyulwa inkontileka yalosomabhizinisi baphinde bamfaka ohlwini lo somabhizinisi abangafanele ukuthola izinkontileka kuhulumeni (blacklisted), kungalandelwanga imigudu efanele.
Uqhube wathi esitatimendeni, lo somabhizinisi wasiphosela inselelo lesi sinqumo ezinkantolo , okuyilapho umasipala efike wehlulwa khona enkantolo yoMthethosisekelo ngokungalandeli imigudu efanele ngenkathi ethatha lesi sinqumo.
“ INkantolo yezoMthethosisekelo ibe isiyalela lo masipala ukuba ukhokhele lo somabhizinisi imali yamademeshe engu-R30million kweyabakhokhi bentela.,” esho esitatimendeni.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni, umasipala kumele athathele labo abathintekayo izinyathelo ezinqala , ngokuhluleka ukulandela imigudu efanele ngenkathi benqamula inkontileka yalo somabhizinisi , lokhu osekuluzise lo masipala imali engu-R30 million ngenxa yokungawenzi umsebenzi ngendlela kwezikhulu.
Kuphinde kwavela ukuthi uMfu Buthelezi ube esebhalela uMeya weTheku uKhansela Cyril Xaba emtshela ukuthi izindleko zomthetho zokuzama ukuphikisana nesinqumo senkantolo , kuhambisana nezindleko okumele zibhadalwe ngumasipala.
Uthe esitatimendeni , kumele kuqinisekiswe ukuthi abathintekayo bathathelwa izinyathelo ezinqala, njengoba lo masipala kulindeleke ukuba ukhokhe imali engu-R30 million ngenxa yobudedengu babathize.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni kuzokhumbuleka ukuthi lo masipala ubhekene nezinselelo zeze zimali.