NGUMFU Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi usishayele ihlombe isigameko sokuboshwa kwababulala iKhansela lakuMasipala uMngeni ebeliphinde libe ngusoTswebhu, eladutshulwa labulawa endaweni yase Masosheni ngaseMpophomeni ngoDisemba 2023.
Kubikwa ukuthi uKhansela Nhlalayenza Ndlovu wadutshulwa wabulawa emzini wakhe eMasosheni.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango wakwaCogta uMnuz Senzelwe Msila sithi:” Abasolwa ababili bavelile eNkantolo kaMantshi wase Pietermaritzburg bebhekene necala lokubulala uNdlovu.”
Uthe esitatimendeni , lokhu sekwenze baba bahlanu abasolwa ababoshiwe mayelana naleli cala lokubulala uNdlovu.
“Sibonga kakhulu amaphoyisa oPhiko olulwisana nokubulawa kosopolitiki, i-South African Police Service Political Killings Task Team , ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuze kuboshwe abanye babasolwa” kusho uButhelezi esitatimendeni.
UButhelezi uthe esitatimendeni, siyabonga kakhulu ukuthi lolu phiko lwamaphoyisa lusebenze ngokukhulu ukuzikhandla ekuboshweni kwalemigulukudu.
“ Lokhu kusho ukunqoba kithi kulabo ababhizi bephume umkhankaso wokubulala osopolitiki ukuthi bazothungathwa, baboshwe , babhekane nengalo yomthetho,” esho esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi amaphoyisa kumele asebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukuze kunqandwe isihlava sokubulawa kwamakhansela, Amakhosi kanye nezinduna kulesiFundazwe saKwaZulu-Natal.