NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usememezele ukuthi umnyango awuholayo usuxhase uMasipala wesiFunda sasoThukela ngesamba sika-R321 million ngenhloso yokuphucula ingqalasizinda yamanzi esindala.
Lokhu kwenziwe ngoba uMasipala wasoThukela ubhekene nezinselelo zokushoda kwamanzi obekudala ukuthi izakhamizi zakulesi sifunda zingatholi ukuhlinzekwa ngamanzi ahlanzekile, obesekuthathe isikhathi eside.
Lesi simemezelo soxhaso silandela umhlangano obuphuthuma wokucobelelana ngolwazi othathe izinsuku ezimbili ngesonto eledlule, obekuhloswe ngawo ukuqhamuka namasu nezixazululo ngokushoda kwamanzi nokwebiwa kwengqalasizinda.
Ubuhanjelwe nguNgqongqoshe uButhelezi, uMnuz Mkhuleko Hlengwa oyiPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke nophinde abe ngu-Champion (inxusa) walo masipala, neMeya yalo masipala, iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala.
“Le mali izokwelekelela kakhulu uThukela Water Board ekusizeni ngokuphakelwa kwamanzi ahlanzekile ezakhamizini ezakhele lesi sifunda sasoThukela. Lolu hlelo lungaphansi kweDistrict Development Mode (DPM)l, ” kusho uMfu Buthelezi esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
Kuphinde kwavela nokuthi lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi obuhanjelwe nangosomabhizinisi, izinhlaka zikahulumeni, ubuholi bukamasipala kanye nabezinhlangano ezingenzi nzuzo (NPOs), ukuze kuzocotshelelwana ngamasu nezixazululo zokugwema ukushoda kwamanzi nokuthi angagcinwa kanjani ekhona isikhathi eside.
“Kulo mhlangano sithathe isinqumo esinqala sokuthi kuyaqinisekiswa ukuthi izinhlaka zikahulumeni ezingakhokheli ukuphakelwa kwamanzi zithathelwa izinyathelo ezinqala.
Siyasigxeka isenzo sokuntshontshwa kwengqalasizinda ephakela amanzi izakhamizi zaseSahlumbe. Lokhu kwenziwa ngamabomu, kanti sekushiye leziya zakhamizi zingenawo amanzi iminyaka emine.
Lokhu kuntshontshwa kwengqalasizinda kuyakhathaza ngoba kuphazamisa ukuphakelwa kwamanzi. Ngakho sibona kunesidingo esikhulu sokuthi kuphuculwe ezokuqapha nezokuphepha kulaba abaqapha ingqalasizinda.
Lemali izophinde isetshenziselwe ukuphucula ingqalasizinda efana namapayipi amanzi, iziphehli (reservoirs) kanye nezindawo lapho ehlanzwa khona amanzi (water treatment plant).
Izophinde isetshenziselwe ukusebenza kwansuku zonke zokuphakelwa nokulungiswa kwenqalasizinda, ukuze kunqandwe ukushoda kwamanzi nokuphazamiseka kokuphakelwa kwawo ezakhamizini,” kuqhuba uButhelezi.
UButhelezi ube esejuba izikhulu eziphezulu zomnyango wakhe ngenhloso yokusebenzisana eduze nomasipala wasoThukela, noMngeni-uThukela Water Board ukuze kuqinisekiswe ukuthi le mali isetshenziswa ngendlela efanele futhi ayehli ngemilenze.
Wabe esephetha ngokunxusa izakhamizi ukuba ziyingayicekeli phansi ingqalasizinda yamanzi, ngoba izophazamisa ukuhlinzekwa kwazo ngamanzi.