Community

Ube yimpumelelo umhlangano wokuqwashisa ngesifo senqondo,eDannhauser

NGAMATHISHELA asezinkulisa kanye nabomnyango weZempilo.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE

UBE yimpumelelo ukhukhulela ngoqo womhlangano wokuqwashisa amathishela asezinkulisa (Early Childwood Development Centre ), phecelezi ECD’s, ngesifo senqongo (autism), kubafundi basezinkulisa, lo mhlangano ububanjelwe ehholweni laseDannhauser Community Health Centre (CHC),eDannhauser eNyakatho neKwaZulu-Natal , ngoLwesibili (izolo), mhlaka 28 ePhreli 2026.

Kulomhlangano bekumenywe amathishela kanye nothishomkhulu basezinkulisa zaseDannhauser , ngenhloso yokubaqwashisa ngezimpawu zalesifo njengoba bethi kwabanye sibonakala besebancane , yingakho bebebaluleka ngezimpawu zalesifiso se autism.

Bathe babone kubalulekile ukuthi baqwashise ngalesifo kumathishela njengoba zonke izingane ziqala ukufunda ezinkulisa futhi ilapho zisheshe zibonakale uma zihaqwe ilesifo futhi benzela ukuthi izingane zisheshe zithole ukusizakala.

UNksz Zamantungwa Khumalo oyiHealth Promoter uthe ,sibone kubalulekile ukuba sibe nalomhlangano njengoba imfundo iqala ezinkulisa yingakho kumele bazi ngezimpawu zalesifo njengoba kunezinselelo ezibhekene nezingane ezinkulisa.

“Abanye bayaye bathi lokhu kudalwa ukungakwazi ukukhulisa ingane umzali (poor parenting), kodwa lokho akusilona iqiniso,” kusho uKhumalo, eqhuba ethi, inkinga yengane iqala isencane kodwa uma ungazazi izimpawu zayo ngeke ukwazi ukushesha uyibone.

UPenny Mlangeni oyikhansela lezenqondo (Pyschology Councillor), uthe ezinye zalezingane ziba nomqondo othatha kancane (slow learners), kodwa ukufundisa ingane enaso lesifo akusho ukuthi ayiphilile (he/she is normal), njengazo zonke izingane.

Uthe kodwa lezo zingane zenza izinto ngendlela ehlukile kunezinye, abanye babo lokhu kusuke kuwufuzo (inheritated), abanye babo basuke benze izinto ngokuhluke kakhulu (hyper active).

Uqhube wathi, abanye ubabona ngokuphinda into eyodwa zikhathi zonke (repeat things regularly).

“Kwesinye isikhathi, ubabona ngokuthi bangafuni ukuzihlanganisa nezinye izingane (difficult to interact with others).

UsoNhlalakahle uVuyiswa Patience Qwabe uthe , thina siyangenelela uma esehloliwe umntwana (diagnosed), bese kutholakala ukuthi nempela unaso lesi sifo.

Uqhube wathi , kukhona abazali abangenandaba noma abanganaki ukuthi ingane ikhula kanjani.

“Ingane enalesifo uphinde uyibone ngokuthi ingadlali nezinye izingane, ibe namahloni, , yenze izinto ngokuhlukile iphinde ingezwani nendawo enomsindo,”kusho uQwabe , eqhuba ethi, thina siyalekelela imindeni nezingane njengoba ezinye zazo ziphenduka amabhoklolo kwezinye (bully).

Uthe siyazithatha zizise ezindaweni lapho zithola khona usizo (nearest help centres).

“Asiqinisekise ukuthi siyazinaka futhi siphinde sizisukumele izingane zethu uma sibona ukuthi zenza izinto ezihlukile nezingamukelekile zisencane,” esho.

Uqhube wathi lesi sifo awusiboni ngophawu olulodwa kodwa ziningi izmpawu esizibhekayo ngaphambi kokuba sibandlulisele kulezindawo ezisizayo.

Uthe abanye babo abanalesifo ababhekani emehlweni futhi abafuni ukudlala nabanye.

Uphethe ngokuthi lesi sifo sijwayelekile lokhu kufakazelwa ukuthi benza okuhlukile kunezinye zezingane.

Related Articles

Back to top button