
UMasipala waseDannhauser usuke engawathumanga amasela ezinkomo,eDannhauser
IZITHAMELI zomhlangana weIntergratede Development Plan Representative Forum Consultation kanye namalunga omphakathi.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
UMASIPALA waseDannhauser awuwathumi amasela ukuba ebe imfuyo yezakhamizi , yingakho ungeke ukwazi ukunxephezela labo abasuke bentshontshelwe imfuyo, futhi omasipala bonke babhekelele ukuthuthukisa izimpilo zezakhamizi (service delivery).
La mazwi ashiwo nguMenenja kaMasipala waseDannhauser (Municipal Manager), uMnuz Mandla Sithole, ngenkathi ubuphendula esinye isakhamizi ebesikhala ngokuthi bantshontshelwa izinkomo kodwa umasipala wesiFunda wamosha imali eningi ngokuzoqwashisa ngokwebiwa kwemfuyo.
Uthe ukuqwashiswa kungenziwa futhi akunankinga ngalokho kodwa cha hhayi ukunxephezela kodwa umeya angakuhlonza uwedwa, ngokwakhe.
Uqhube wathi kodwa lokhu angakwenza ngokwesidingo sakhe wathi , lokhu kungadala inkinga bonke abafuyi baseDannhauser sebefuna ukunxeshezelwa.
Lokhu ukushe ngenkathi bekunomhlangano obubanjelwe ehholweni laseDannhauser, lapho bekuhlangene iforamu (Intergrated Development Plan Reepresentative Forum Consultation).
Kuvelile ukuthi kwakhiwa leforamu nje ngenhloso yokubiza osomabhizinisi nazo zonke izinhlaka zikahulumeni ukuze kuziwe uvo lwazo ngaphambi kokuba kwenziwe isabelo mali sentuthuko edidiyelwe ka-2026/27.
UMeya kaMasipala i-Dannhauser uKhansela Bongani Radebe ethula inkulumo yakhe uthe, sibambisene neminye iminyango nezinye izinhlaka singayithatha i-Dannhauser siyibeke kwelinye izinga.
Uqhube wathi, sihlangene sonke nezinye izinhlaka neminye iminyango, singaziphucula izimpilo zabantu.
“Inhloso yalo mhlangano ukuqinisekisa ukuthi ziyabambisana , sihlele ukuthi konke esikwenzayo akufihliwe ukuze kufezeke izidingo zomphakathi,” kusho uRadebe, eqhuba ethi, kubalulekile ukuba sibheke izinselelo esibhekene nazo, sibheke izixazululo,siphinde sibe nezinhlelo zokubheka ukuthi amaprojekthi aseqhulwini aqhubeka ngaphandle kwezihibe.
Uqhube wathi kubekwe eceleni imali engu-R217, 108, 577 eyisabelo mali sika 2026/27.
Uthe umasipala waseDannhauser uyaqhubeka ngokuthola uxhaso kuhulumeni kazwelonke ngokwakhelwa imitapo yolwazi, izimali zoxhaso (Municipal Infrastructure Grant (MIG),
Uthe sikhanda imali engenayo ngalezindlela Property rates, Traffic fines, Refuse collection kanye nokunye (other municipality services).
Siyaluthola uxhaso oluvela kuMIG , lwe Equitable Share, Disaster Grant kanye nohlelo lwe Expanded Public Works Programme (EPWP).
Uphethe ngokuthi, sifisa ukuthi singumasipala nomphakathi sisebenza ngokubambisana.






