News

Uhulumeni usejube ukuthi kuphenywe ngezinsolo zokunqatshelwa kwabafundi ukuba babhale isifundo i-Accounting, eNtwentle

NGUNGQONGQOSHE uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYEWLWE

UNGQONGQOSHE weZemfundo KwaZulu-Natal,uMnuz Sipho Hlomuka, usejube ukuthi kwenziwe uphenyo oluphuthumayo lokhu kulandela izinsolo ezithi abafundi banqatshelwe ukuba babhale izivivinyo zephepha le-Accounting esikoleni samabanga aphezulu i-Ntwentle High School.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uMnyango esifuNdazweni saKwaZulu-Natal, uNksz Nonkululeko Ngcobo sithi:”UHlomuka usejube ukuthi kwenziwe uphenyo oluphuthumayo lokhu kulandelwa izinsolo ezithi abafundi banqatshelwe ukuba babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka zephepha le Accounting,esikoleni iNtwentle.”

Uthe esitatimendeni, lokhu akuvumelekile futhi kungukwephula ilungelo labafundi ukuba bathole imfundo engcono.

Uqhube wathi esitatimendeni, lezi zinsolo zinzima kakhulu njengoba kubonakala ukuthi abukho ubulungiswa uma lezi zinsolo ziyiqiniso.

“UMnyango angeke ukubekezelele lokhu kunqatshelwa kwabafundi ukuba babhale izivivinyo zabo, kanti futhi lokhu kungukuphucwa ilungelo lokufunda,” kusho uNgcobo esitatimendeni.

Uthe esitatimendeni, sekujutshwe iNhloko yoMnyango uMnuz Nkosinathi Ngcobo ukuba aphenye mayelana nalezi zinsolo, zakulesi sikole i-Ntwentle.

“Lolu phenyo luzoveza ubuqiniso balezinsolo, nokuthi imigomo nemibandela nemithetho ukuba kayiphulwanga (breached),”kusho uNgcobo esitatimendeni.

Uqhube wathi esitatimendeni, zonke izinhlaka ezithintekayo zonikwa ithuba lokhuthi zizikhulumele noma ziziphendulele.

“UMnyango uzibophezele futhi uyaqinisekisa ukuthi amalungelo abafundi ayavikeleka, kubaholi bezikole kanye nakumathishela,”kusho yena esitatimendeni.

Uqhube wathi esitatimendeni, othishaNhloko kumele bakuqinisekise ukuthi bonke abafundi abanelungelo lokubhala izivivinyo zabo, bayazibhala ngaphandle kwezihibe.

Uphethe ngokunxusa abazali esitatimendeni, ababheki kanye nabafundi ukuba izigameko zokuvinjelwa kwabafundi ukuba babhale izivivinyo zabo , bazibike ngokushesha ukuze kuzokwenziwa uphenyo olunzulu okufanele bajeze , bajeze.

Related Articles

Back to top button