
Uhulumeni usigxekile isigameko sokubulawa kwamavolontiya kaKhongolose,eThekwini
NGUNDUNANKULU uMnuz Thami Ntuli.Isithombe.SITHUNYELWE
UNDUNANKULU esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli usigxekile isigameko sokubulawa kwamavolontiya amabili e-African National Congress (ANC), adutshulwe abulawa eMgababa,eThekwini, izolo mhlaka 15 Okthoba 2026, emva kokuba ebegaya amavoti engena umuzi nomuzi, ntambama.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uNdunankulu uMnuz Lindani Mbatha sithi:”Kudutshulwe kwabulawa amavolontiya amabili ka-ANC eMgababa izolo ebusuku emva kokuba ebebuya ukuyogaya ivoti.
“Ngokombiko wamaphoyisa i-South African Police Services (SAPS), abagilwa owesilisa nowesifazane bebeyingxenye yabahlanu okubalwa kubo amalunga eqembu, kanye nonogada abangabavikeli (bodyguards),”kusho uMbatha esitatimendeni, eqhuba ethi, laba bahlaselwe ngabantu ebebebalandela ngemuva behamba ngemoto emhlophe yohlobo lwe Isuzu bakkie, okuthe ebebegibele kuyo bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kubagilwa, ngaphandle kokusho okuthize.
Uqhube wathi esitatimendeni, ababili bashonele endaweni yesigameko kwathi omunye wesifazane wadubuleka emlenzeni, kwathi onogada ababili abangabavikeli bona babaleka.
Uthe esitatimendeni , amaphoyisa avule amacala amabili okubulala kanye namathathu okuzama ukubulala.
“UNtuli ube esndlulisa amazwi enduduzo emndenini, ku-ANC kanye nakubangani , wabe esefisela lona wesifazane olimele emlenzeni ukuthi alulame ngokushesha,” kusho uMbatha esitatimendeni, eqhuba ethi, ukundlula kwalaba ababili emhlabeni akwamukelekile njengoba nesizathu sokubulawa kwabo singaziwa..
“UNtuli ube esenxusa amaphoyisa ukuba angabuthi quthu ubuthongo bengakabanjwa laba babulali abangananembeza,”kusho yena esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, sinxenxa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nalezigilamkhuba ukuba ashayele amaphoyisa.
Uqhube wathi, esitatimendeni, lokhu okwenzekile akwamukelekile njengoba sibheke okhethweni lohulumeni basemakhaya oluzoba mhlaka 4 Novemba 2026 (Local Government Elections scheduled for *4 November 2026*).
“ UNtuli ukugcizelele ukuthi njengoba kubhekwe okhethweni kumele kubanjiswanwe kube nokuthula futhi nezinhlangano zingachukuluzani,” kusho yena esitatimendeni.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, noma ngabe iyiphi inhlangano noma ikhansela kumele likhankase likhululekile futhi ngokuthula, kungabibikho izindawo lapho kuzothiwa zingokalibhadwa.



