News

Uhulumeni wendlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaShozi kukhothama Inkosi,eThekwini

YINKOSI ekhotheme Inkosi Emmanuel Bhekuzalo Shozi.Isithombe.SITHUNYELWE

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi, wendlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaShozi lokhu kulandelwa ukundlula emhlabeni kwe-Inkosi Emmanuel Bhekuzalo Shozi obeneminyaka engu-66, wesizwe i-Vumengazi kanye na Amanganga Traditional Council engaphansi kwe-eThekwini Local House of Traditional and Khoi-San Leaders.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uCogta KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Mngadi sithi:”Inkosi Shozi ikhotheme ngoMsombuluko mhlaka 11 Okthoba 2026 emva kokugula isikhathi eside.”

Uthe esitatimendeni, uButhelezi wendlulisa amazwi enduduzo emndenini, esizweni, kubangani kanye nakuhulumeni uqobo njengoba Inkosi uShozi ubebambe iqhaza elikhulu ekuthuthukusweni komnotho.

Uqhube wathi esitatimendeni, Inkosi ibiphinde ihlale emkhandlwini weTheku (served in the eThekwini Council), iphinde iqinisekise ukuthi Amakhosi abanba iqhaza elikhulu ekuthuthukisweni komnotho kanye nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya.

“Njengomnyango wakwaCogta sidumele futhi sisalila ngokundlula emhlabeni kweNkosi  uShozi,” kusho uMngadi esitatimendeni.

Uthe esitatimendeni, Inkosi uShozi isebenze isikhathi eside ngaphansi kwe eThekwini Local House (longest serving), njengoba yaqala ukuba Inkosi ineminyaka engu-21 vo.

Uphethe ngokuthi esitatimendeni, Inkosi uShozi yakhombisa ubuholi obuqotho, ukunxenxa abatshali zimali, ukuvula amathuba omsebenzi kanye nokuthuthukisa umnotho, ube esendlulisa amazwi enduduzo.

 

 

Related Articles

Back to top button