
Uhulumeni uvakashesle isiteshi samaphoyisa saseMondlo
NGUNDUNANKULU uMnuz Thami Ntulu ,uNgqongqoshe uMfu Thulasizwe Buthelezi kanye nezicubuthwane.Izithombe.ZITHUNYELWE
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ehambisana noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi, bavakashele isiteshi samaphoyisa esiseMondlo, ngaphandle kwaseVryheid , eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngenhloso yokuyohlolo ukuthi iziphi izinselelo nezinqinamba lesi siteshi esibhekene nazo.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uNdunankulu uMnuz Lindani Mbatha sithi:” UNtuli noButhelezi bahambele lesi siteshi ngenhloso yokuyohlola ukuthi iziphi izinqinamba ezibhekene nokusebenza kwamaphoyisa kanye nezinselelo abhekana nazo nsuku zonke.”
UNtuli benoButhelezi, babe sebexoxa namaphoyisa, ubuholi bendawo kanye nezinye izinhlaka ezilwisana nobugebengu, ngenhloso yokungenelela ekulwisaneni nobugebengu kanye nokuqinisekisa ukuthi izakhamizi ziphephile.
UNtuli ube esethatha lenhlanganisela wayisa abantu baseMondlo embizweni , Abaqulusi Crime-Fighting Imbizo, obekuhloswe ngayo ukuthi kubanjiswane ekulwiswaneni nobubgebengu ,ebihanjelwe iminyango kahulumeni eyahlukahlukene, abezokuphepha, izinhlaka ezilwisana nobugebengu kanye nazo zonke izinhlaka ezilwisana nobugebengu.




