
Kusale enkundleni abasolwa abathathu ebebesolwa ngokuthumba, eMariannhill
INDAWO lapho kusale khona enkundleni abasolwa. Isithombe.SITHUNYELWE
KUSALE enkundleni abasolwa abathathu ebebesolwa ngamacala okuthumba nokukhwabanisa esigamekweni sokudubulana namaphoyisa ngoLwesithathu (namuhla), mhlaka 20 Meyi 2026, ngezintatha eMariannhill.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal , uColonel Robert Netshiunda sithi:” Kusale enkundleni abasolwa abathathu esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eMariannhill.”
Uthe esitatimendeni, laba basolwa bebesolwa ngamacala okuthumba kanye nelokukhwabanisa kanye nelokuba nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, abawenza eGreenwood Park
Uqhube wathi esitatimendeni, amaphoyisa abone laba basolwa behamba ngemoto emgwaqeni i-Milky Way Road , ase ezama ukubamisa kodwa bawashaya indiva, bafaka amafutha, amaphoyisa abe esebajaha.
“Ngenkathi amaphoyisa esabajaha , babe sebeqala bedubula bebhekise emaphoyiseni, nawo aphendula ngezulu le zandla,” kusho uNetshiunda esitatimendeni, eqhuba ethi, ibe isibaphunyuka imoto yabo bashayisa isihlahla.
Uqhube wathi esitatimendeni, esigamekweni sokudubulana kusale enkundleni abasolwa abathathu, kanti alikho iphoyisa elilimele ngenkathi kudutshulwana.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, endaweni yesigameko amaphoyisa athole izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nenqwaba yezinhlamvu.


