
Uhulumeni ubambe umhlangano nobuKhosi baKwaKhoza,eNseleni
NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi. Kwesinye ubuKhosi bakwaKhoza kanye namalunga omphakathi.Izithombe.ZITHUNYELWE
UBE yimpumelelo umhlangano phakathi kukaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi, i-KwaKhoza Traditional Council Authority kanye namalunga omphakathi, obekuhloswe ngawo ukuqhamuka nezixazululo, emva kokuba amalunga omphakathi efake izikhalazo mayelana nezinselelo obhekene nazo,eNseleni, ngoLwesibili (namuhla), mhlaka 19 Meyi 2026.Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango uCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” Ube yimpumelelo umhlangano phakathi komnyango uCogta, ubukhosi baKwaKhoza Traditional Council Authority kanye namalunga omphakathi obuse Nseleni, , lapho bekuhloswe ngawo ngokuqhamuka nezixazululo emva kokuba umphakathi wafaka izikhalazo ngobuKhosi baKwaKhoza emnyangweni.”Uphethe ngokuthi esitatimendeni, umhlangano ube yimpumelelo futhi ubuhanjelwe Inkosi uKhoza kanye namalunga omphakathi, njengoba kuqhanyukwe nezinyathelo okumele zithathwe ukuze kubhekwane nezinselelo ezibhekene nesizwe.




