
Sakha isizwe
INQUBO NEMIGOMO YEQEMBU LEZIGAGAYI ZE HAMAS, IBULALISA IZAKHAMUZI ZAMA PALESTINE EGAZA, WEST BANK NASE EASTERN JERUSALEM.
NGUMNUMZANE Callistus Bheki Nkwanyana.Isithombe.SITHUNYELWE
Umzabalazo wenkululeko yama Palestine ubukeka uphindela emuva ngenxa yenqubo ye Hamasa. Inxabano phakathi kwe Fatah, iqembu eliyingxenye ye Palestinian Liberation Movement(PLO) kanye ne Hamas, eyingxenye ye Muslim Brotherhood, yadala uqhekeko olukhulu kulamaqembu omabili. Lengxabano yalamaqembu yagcina ngokubambana ngezihluthu okwenza kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kwawo. Esikhundleni sokuthi abhekane ne sitha sawo esiyi Israel, akhetha ukubanga ukuthi kumele umzabalazo uqhutshwe kanjani. Phela i Fatah yona iqhuba ngomgomo wokuthi makuboniswane(Diplomacy) kanti i Hamas yona ithi akuliwe(armed resistance). Ekugcineni i West Bank yagcina ingaphansi kwe Fatah kanti i Gaza yona yaba ngaphansi kwe Hamas. Omabili lamaqembu aqhubeka ngezindlela zawo ezahlukene zokubhekana nesitha sawo i Israel. Ukwehlukana kwabo kwakusho ukuthi nomzabalazo wabo awusazoba namandla njengakuqala. Phela uma abantu bebumbene baba namandla kanti uma behlukene baba buthaka. Nomzabalazo wabo wakhombisa ukuba buthakathaka. Ngisho nemibono yabo yabe ihlukene. I Fatah ivumelana nokuthi i Israel ne Palestine ababe ngamazwe amabili azimele(two state solution) kanti i Hamas yona ithi akubuye lonke izwe lase Palestine kuhambe abase Israel(one state solution), uyabona ke ukuthi ahlukene kanjani lamaqembu. Nathi kulelizwe umzabalazo wethu waqala ngokuthula, emuva kwesikhathi abanye bathi ukuthula sengathi sekwanele bajikela emzabalazweni wezikhali. Abanye bathi cha, sisafuna ukuzama ngazo izingxoxo nangokuzabalaza ngokuthula(passive resistance). Umzabalazo wethu wezikhali owawuholwa yi African National Congress(ANC) wawucophelela ukuthi awubulalisi izakhamuzi noma abantu obalwelayo ngamabhunu. Ngo October 7th 2023, i Hamas yahlasela izakhamuzi zase Israel zingazelele, yabulala abantu abangaphezulu kuka 1200, yalimaza abangaphezulu kuka 5, 400. Yaphinda yathumba inqwaba yezakhamuzi zase Israel. Lesisigameko sashaqisa umhlaba wonke. Saphinde sagxekwa kakhulu ngisho nayilabo abazwelana nomzabalazo wama Palestine. Ngisho inhlangano yezizwe(United Nations) yasigxeka kakhulu lesisenzo. Phela umthetho wenhlangano yezizwe ubalula ukuthi uma kunempi kumele kuqikelelwe ukuvikelwa kwezakhamuzi. I Israel yathola ithuba lokuhlasela ama Palestine izivikela ngokuthi iyaziphindiselela. Yebo kuyiqiniso ukuthi yayiziphindiselela. Kusukela kulesosigameko babalelwa ngaphezulu kuka 72, 600 abantu base Palestine esebebulewe yi Israel kuxuba abesifazane kanye nezingane. Akugcinanga lapho abantu base Palestine babhidlizelwa amakhaya abo, izikole, izibhedlela, izitolo, empeleni i Palestine, indawo yase Gaza isifana nogwadule lapho kungekho manzi, kungekho gesi kanti impilo yezakhamuzi zase Palestine imile uqobo lokuma nse. Ngisho izilwane aziphili kanjeya. Okumele sikubheke ukuthi ngesikhathi i Hamas ihlasela izakhamuzi zase Israel yabe ikucabangile yini ukuthi ne Israel ingakwenza lokho futhi ikwenze kudlulele njengoba ikwenzile njengamanje? Iluphi uhlelo eyayilwenzile lokuvikela izakhumuzi, abesifazane kanye nezingane? Uma kungenjalo kungabe kwakuyinhloso yini ukuthi ibulalise izakhamuzi zase Palestine ukuze izuze uzwelo emazweni? Mina angiboni kuvumelekile ukubulalisa abantu ube uthi uyabalwela. Kuyiqiniso ukuthi Israel igwamanda izindawo zase Palestine futhi ihlukumeza izakhamuzi zakhona mihla namalanga. Kuyiqiniso ukuthi okwenziwa i Hamas ukubulalisa abantu base Palestine akwamukelekile nakancane futhi angeke kulibaleke ezingqondweni zabantu base Palestine. Njengamanje umzabalazo wase Palestine uhlehliselwe emuva ngeminyaka eminingi kakhulu. Ingqalasizinda eyacekelwa phansi amasosha ase Israel kuyothatha iminyaka eminingi ukuyivuselela uma kuyoke kwenzeke. Lokhu kuvusa imibuzo yokuthi ingabe i HAMAS iyabakhathalela abantu base Palestine noma ifuna ukufeza izinhloso zayo kuphela? Ingabe udlame lusetshenziswa ngesikhathi esifanele nasendaweni efanele na? Uma ubuka i Israel ithola usizo ezweni lase Melika(America), izikhali, imali, nakhokonke okubeka izwe lase Israel endaweni yokuba namandla. Iqembu le HAMAS kufanele ngabe lakubhekisisa konke lokhu ngaphambi kokwenza lobubudedengu elakwenza ngomhlaka 7 October 2023. Umzabalazo wezikhali kumele uhambe namaqhinga(strategy), akufanele uhambe ngokuthi leloqembu lizibona lihlomile ngakho kumele lihlasele. Lokhu kungenza umzabalazo omuhle onozwelo emazweni amaningi uphelelwe ukuzwelwa amazwe amaningi. Inqubo yezidlamlilo ze HAMAS e Gaza ayamukelekile, ibulalisa abantu base Palestine, iphinde ibuyisele umzabalazo wama Palestine emuva. I Fatah, eyamaniswa ne Palestinian Liberation Movement (PLO) kumele ingapheli amandla iqhubeke nomzabalazo wama Palestine. I Ningizimu Afrika namanye amazwe kumele aqhubeke nokufaka ingcindezi ezweni lase Israel ukuze kugcine kukhuleke i Palestine. Into eyingozi kakhulu nge HAMAS ukungafuni ukubekezelela izinkolo nemigomo yabanye abantu, lokhu akwamukelekile emhlabeni okhululekile. Nalapha e Ningizimu Afrika kumele siqaphele singafani namazwe anjengo Nageria lapho izidlamlilo zithumba abantwana besifazane ezikoleni bayobanukubeza babazalise egameni lomzabalazo. Inqubo nemigomo yodlame ye HAMAS ibulalisa izakhamuzi zase Palestine ngokunganasidingo.
Mnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana
Uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transformation
Wayengumqondisi: KZN office of the Premier: Community Partnership and Moral
Regeneration
Ungumbhali wencwadi: “Talking to yourself, the journey to self-discovery”
Uyatholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com /0665445466 Ucingo / WhatAPP
