Sakha isizwe

UKUNGENELELA KUKA DONALD TRUMP EMPINI YASE SUDAN AKUBONAKALI KUZOTHELA IZITHELO EZINHLE.

NGUMNUMZANE: Callistus Bheki Nkwanyana.Isithombe.SITHUNYELWE

UMONGAMELI wase Melika, uMnumzane Donald Trump akukho neyodwa impi eseke
wayixazulula. Lapha ezweni lase Ukraine uhluleke wancama, wangenelela e Nigeria akukho
mahluko, wangenelela ezweni lase Democratic Republic of Congo kwangenzeka lutho,
manje ungenelela e Sudan. Kungani loMongameli ehluleka kangaka? Into yokuqala ukuthi,
uthi elamula ebe ebuka ukuthi kukhonani ebhodweni lezomnotho kulelozwe. Ngisho izimpi
aziqalayo zonke zihlangene nezomnotho azihlangene nepolitiki. Uma ubuka ukuhlasela
kwakhe izwe lase Venezuala, into ephambili umnotho, njengamanje izwe lase Melika
nezinkampani zase Melika izona ezilawula u oyela wase zweni lase Venezuala. Ngisho
kwelase Palestine lapha e Gazi, izinkampani zakhe nezase Melika izona okuhlelwa ukuthi
ziyovuselela i Gaza. Empeleni izwe lase Melika lihlale ligade kakhulu okuza kulo. Njengoba
kwangena u Donald Trump esikhundleni sokuba uMongameli, konakala kakhulu ngoba naye
uqobo lwakhe ubheka ukuthi uzohlomulani kwezamabhizinisi.
KUNGANI uMongameli wase Melika engenelela empini yase Sudan? Izwe lase Sudan,
lilawula amakhulu ayisikhombisa namashumi amahlanu amakhilomitha (750km) olwandle
olubomvu(Red Sea). Njengamanje lendawo ilawulwa amasosha e Sudanese Armed
Forces(SAF) ngaphansi kuka General Abdel Fattah Al-Burharn. Lubaluleke ngani lolulwandle?
Ulwandle i Red Sea luvulekela ku Suez Canal engena ezweni lase Gibhithe. Lokhu kwenza
kubelula ukuhamba kwempahla inqamulela iya ezweni lase Europe nakwamanye amazwe
ngolwandle lwe Meditaranean sea. Esinye isizathu ukuthi u General Abdel Fattah Al-
Burharn, banobudlelwano nezwe lase Egypt. Izwe lase Egypt liyaqikelela ukuthi
lobubudlelwano abuphazamiseki, ukuze ukuhamba kwemikhumbi olwandle i Red Sea edlule
ku Suez Canal kungaphazamiseki. Umgudu, i Suez Canal ibalulekile kakhulu ezweni lase
Melika ikakhulukazi njengoba libhekene nempi nezwe lase Iran. Ukuba nokuthula ezweni
lase Sudan kubalulekile ezweni lase Melika. Izwe lase Melika liyadlelana nezwe lase
Gibhithe, kanti i Gibhithe ibalulekile ezweni lase Melika ngoba ino umgudu wamanzi i Suez
Canal oxhumanisa ulwandle i Mediteranean sea kanye ne Red Sea. Ngaleyondlela izwe lase
Melika liyakwazi ukusebenzisa izwe lase Gibhithe ekudluliseni imikhumbi kuleliyazwe lase
Gibhithe.
KUSUKELA ngo April 2023, ngokusuka kwempi yakamumva yase Sudan izwe lase Melika
selingenelele izikhathi eziningi. Njengoba ingenelela manje i Melika ekumiseni impi izinsuku
ezingamashumi ayisishigalolunye(90days) sekungokwesine(4). Inhloso yokuqala yokumisa
lempi ukuthi abantu basezindaweni ezihlaselwayo bathole izinsiza zempilo(humanitarian
ceasefire). Umakuphumelela lokhu sekungalandelwa izingxoxo zokuthula. Akesibuke
imibandela yalesisivumelwano:
1. Ukumiswa kwempi izinsuku ezingamashumi ayisishiyagalolunye ukuze kungene usizo
kubantu abahlukumezekile kulempi(humaniterian aid)
2. Ukumiswa kokuhlaselwa kwabantu bomphakathi noma izakhamuzi ezingekho
empini.

3. Ukuba nabantu bangaphandle abazoqapha ukuthi imigomo yesivumelwano
iyalandelwa yini zinhlangathi ezilwayo.
4. Ukusebenzisa lezizinsuku ezingamashumi ayisishiyagalolunye ukwenza isivumelane
sokuthula saphakade.
5. Ukwenza izingxoxo zokubuyisela uhulumeni wentando yeningi e Sudan
6. Ukwenza kube nokhetho olunokuthula.
7. Ukwakha kabusha izwe lase Sudan ukuze libuyele esimeni esejwayekile
nesinokuthula.
IZINGQINAMBA kulesisiphakamiso sokuthula ukuthi izinhlangathi ezilwayo zibeka
imibandela engamukeleki kuzozombili izinhlangathi. I Sudanese Armed Forces(SAF) ifuna i
Rapid Armed Forces(RAF) iphume kuzozonke izindawo ezidlile zaba ngakuyo ngaleyondlela
izokwazi ukungena ezingxoxweni. Ngakolunye uhlangathi iRapid Armed Forces(RAF) ithi
iyahambelana nezingxoxo kodwa ayizimisele ukuphuma ezindaweni ezidlile. Konke lokhu
kwenza isivumelwano sibe nokuntengantenga. Lokhu kusho ukuthi abantu
abahlukumezekile ezweni lase Sudan bazohlala behlukumezekile namanje.
ISIXAZULULO sezwe lase Melika angeke sifezekise ukuthula ezweni lase Sudan. Amazwe
asemqoka kulempi yase Sudan ayisishiyagalolunye. Uma amanye ekhishwa inyumbazane
ezivumelwaneni, angake kube khona ukuthula ezweni lase Sudan. Kulamazwe ngibala,
Russsia, Iran, Turkey, Chad kanye ne Uganda. Lamazwe anomthelela omkhulu ngezindlela
ezahlukene empini yase Sudan. Ukubambisana kwezwe lase Melika namanye amazwe
kukhishelwe amanye amazwe ngaphandle angeke kube nomphumela omuhle nonokuthula
kulesisivumelwano. I Melika okuyiyona ezama isixazululo icheme namanye amazwe akhona
kulenkinga yase Sudan. Izwe lase United Arab Emirates(UAE) liyabaleka kulempi, Izwe lase
Egypt liyabaleka kulempi, izwe lase South Arabia nalo liyabaleka kulempi. Izwe lase Melika
uma lifuna isixazululo ngempela, akumele likhiphe inyumbazane amanye amazwe
ambandakanyeka kulempi. Njengoba i Melika isebenzisana namazwe adlelana nayo
ukuzama isixazululo sase Sudan, kuyacaca ukuthi angeke kulunge lutho. Uma ufuna ukuthula
umbandakanya zonke izinhlaka ezilwayo noma ngabe ezinye zazo awuzithandi.
Lesisivumelwano sesine angiboni siphumelela. Kwawona lamazwe kufanele abe zibukeli
wonke kanye nayo i Melika. Abantu base Sudan okufanele balekelelwe ekuxazululeni
izinkinga zabo hhayi abantu bangaphandle.

Mnumzane: Callistus Bheki Nkwanyana
Uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transformation
Wayengumqondisi: KZN office of the Premier: Community Partnership and Moral
Regeneration
Ungumbhali wezincwadi:
1. “Talking to yourself, the journey to self-discovery”
2. “Understanding my daughters as their father”

Uyatholakala ku: nkwanyanacb60@gmail.com /0665445466 Ucingo / WhatAPP

Related Articles

Back to top button