Crime
Amaphoyisa athungatha abasolwa abangu-13 abadune imoto yemali, eSherwood
AMAPHOYISA athungatha abasolwa abangu-13 , abadune imoto yemali emgwaqeni uN3 West bound, ngase Sherwood off ramp ngoMgqibelo mhlaka 18 Julayi 2026.
AMAPHOYISA athungatha abasolwa abangu-13 , abadune imoto yemali emgwaqeni uN3 West bound, ngase Sherwood off ramp ngoMgqibelo mhlaka 18 Julayi 2026.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uSergeant Thenjiswa Ngcobo sithi:” Amaphoyisa athungatha abasolwa abangu-13 abadune imoto yemali.”
Uthe esitatimendeni, amaphoyisa aphenya icala lokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe kanye nelokuzama ukubulala.
Uqhube wathi esitatimendeni, le migulukudu ibambe inkunzi imoto yemali kuhlonyiwe , yathatha izibhamu zonogada kanye nesamba semali esingaziwa , yabe isishaya utshani.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, ngaphambi kokuba le migulukudu ishaye utshani ibe isidubula onogada.


