Community

iFawundeshi i-Msengi Wamabubhesi iqinisa ubudlelwano kwizakhamizi,eWashbank

NGUMFU Vusumuzi Kunene, Sister Colette Mthimkhulu kanye noDkt P.S Dlamini.Isithombe.SITHUNYELWE

IFAWUNDESHI i-Msengi Wamabhubesi Foundation iqinisa ubudlelwana phakathi kwezakhamizi kanye nayo le nhlangano.

Umsunguli we Msengi   Wamabhubesi Foundation, u Dkt P.S Dlamini, ehambisana no noMfu Vusumuzi Kunene, bavakashele ngokukhethekile eDuduza Care Centre,eWashbank,  ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano nokwakha ukubambisana okuqhubekayo ekuthuthukiseni imiphakathi.

Lolu hambo bekuhloswe ngalo ukuhlola amathuba okubambisana ezinhlelweni zokuthuthukisa umphakathi ezifundeni aMajuba District,uMzinyathi District kanye noThukela District.

Isitatimende esithunyelelwe iphephndaba sithi:”Ngesikhathi somhlangano, abaholi babelane ngombono ofanayo wokuphakamisa izinga le mpilo yemiphakathi, ukweseka abantu abasengozini kanye nokwakha ubambiswano oluzoletha ushintsho oluhle noluhlala isikhathi eside.”

“UDkt PS Dlamini ugcizelele ukubaluleka kokuthi izinhlangano zomphakathi zisebenzisane ukuze kubhekwane nezinselelo ezibhekene nemiphakathi futhi kuthuthukiswe izimpilo zabantu ngendlela eqhubekayo,” esho esitatimendeni.

UMfu Vusumuzi Kunene uthe  esitatimendeni, njengosihlalo we-Religious Interfaith uyaqhubeka nokweseka nokuqinisa ubudlelwano nabaholi benkolo namabandla ahlukahlukene.

Uqhube wathi esitatimendeni,  ukubambisana phakathi kwamabandla kubalulekile emzabalazweni wokulwa nobugebengu, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, udlame kanye nezinye izinkinga ezibhekene nomphakathi.

Uphinde wagcizelela  esitatimendeni, ukuthi amabandla anendima enkulu ekubuyiseni ithemba, isimilo kanye nobunye emphakathini.

“Ngasohlangothini lweDuduza Care Centre, u Sister Colette Mthimkhulu ubonge kakhulu iMsengiWamabhubesi Foundation ngokuvakasha kwayo nangokuzimisela ukusebenza ngokubambisana nesikhungo.

Uveze ukuthi esitatimendeni,  bayakwazisa ukwesekwa nokwakhiwa kobudlelwano obuzosiza ekunakekeleni nasekuthuthukiseni abantu abaswele emphakathini.

“Lolu vakasho luphawula ukuqala kobambiswano oluqinile phakathi kweMsengiWamabhubesi Foundation neDuduza Care Centre njengoba zombili izinhlangano zifuna ukusebenza ndawonye, ekwakheni umphakathi ongcono nokuletha ithemba kubantu,” kulanda isitatimende.

“Ngokubambisana singakha imiphakathi eqinile, sibuyise ithemba futhi sidale amathuba angcono kubantu bethu.”  Kusho uDkt P.S Dlamini & Rev Vusumuzi Kunene esitatimendeni.

Related Articles

Back to top button