Community

Bafiselwe usuku oluhle obaba , ngosuku lwabo

UBABA- akasona isihlahla eside kuphela,

UBABA- akasona isihlahla eside kuphela,

Uyisithunzi uma ilanga lishisa.

Uyisivikelo uma izulu liduma,

Uyisandla esiqinile esingadedeli.

Awukhulumi kakhulu, Baba,

Kodwa izenzo zakho ziyathetha.

Ukuvuka ekuseni, ukusebenza kanzima,

Konke ukuze thina singalambi.

Ngabona uthando lwakho,

Emthandazweni owawuwenza buthule.

Ngabona amandla akho,

Ezibazini ezisezandleni zakho.

Ubaba, uyingwe yethu,

Uyisibani ebumnyameni.

Uma siwa uyasivusa,

Uthi “Sukuma mfana, awuwedwa”.

Namuhla sithi kuwe: *Siyabonga* 🙏🏾

Siyabonga ngothando olungakhulumi.

Siyabonga ngemihlatshelo esingayiboni.

Siyabonga ngokuba uBaba wethu.

*Happy Father’s Day, Mnumzane!*

Ubuhle bendoda akubonwa ngamehlo,

Bubonwa yimizamo yakhe. 💪🏾

Ibhalwe ngu Mthoko Mathenjwa

Related Articles

Back to top button