CommunityNews

INdululamithi yethule usiko lwamanzi esigodlweni, eMashobeni,KwaNongoma

INDLULAMITHI ISilo uMisuzulu kaZwelithini, noNgqongqoshe uButhelezi naMakhosi.Izithombe. ZITHUNYELWE

INDLULAMITHI uMisuzulu Zulu kaZwelithini wethule usiko olwaziwa ngokuthi ukuThela Amanzi eMakhosini angu-6 esigodlweni eMashobeni Royal Palace kwaNongoma mhlaka 30 Juni 2026 (izolo), kuloluhlelo obekuhloswe ngalo ukweseka aMakhosi.

Isitatimende esithunyelelwe iphephandaba  ngokhulumela umnyango uCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabantu ababalelwa kwabangu-3000, kubalwa kubo uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu , KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi, ophinde abe nguNdunankulu KaZulu.

Okhulumela umnyango uCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” Lolu usiko olubalulekile olwenziwa ikakhulukazi uma kugcotshwa aMakhozi ukuze kube nokubambisana nobuholu bendabuko kanye nobuKaZulu ikakhulukazi iNdlunkulu, kanti futhi kubaluleke kakhulu ekugcinweni kwesiko la Makhosi kanye nesizwe sonkana.

​Uqhube wathi esitatimendeni, iNdlulamithi uMisuzulu ubonge kakhulu aMakhosi , imindeni yawo kanye nezakhamizi njengoba beqhubeka begcina futhi bephinde bagqugquzele ukugcinwa kwesiko liKaZulu.

Uthe esitatimendeni, ukwethula kwalolu siko kukyizinkomba zokusebenza ngokubambisana phakathi kobuholi bomdabu kanye nohulumeni kanye nokugqugquzela intuthuko ezindaweni zasemakhaya.​

​Yilawa aMakhosi agcotshiwe:

* ​iNkosi NZ Buthelezi (Zululand District)

* ​Mntanenkosi Z. Nyawo (Umkhanyakude District)

* ​iNkosi KM Mchunu (King Cetshwayo District)

* ​iNkosi SK Ngwane (Umkhanyakude District)

* ​iNkosi NC Maphumulo (eThekwini District)

* ​iNkosi MSE Mazibuko (uThukela District)

 

​

 

Related Articles

Back to top button