Community

Uhulumeni useqinisekisile ukuthi uMahlaba uzongcwatshwa ngaphansi kwesigaba sikahulumeni wesiFunda i-KZN

NGUDOKOTELA Ntuthuko Mahlaba.Isithombe. SITHUNYELWE

UNDUNANKULU esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli usekuqinisekisile ukuthi uDkt Ntuthuko Mahlaba usongcwatshwa ngesigaba sikahulumeni.

Kuvelile ukuthi esitatimendeni, uMengameli weze uMnuz Cyril Ramaphosa ukuqinisekile esitatimendeni, ukuthi uMahlaba uzongcwatshwa ngaphansi kwesigaba sikahulumeni.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Lindani Mbatha sithi:” uDkt Mahlanba uzohlonishwa ngomngcwabo osesigabeni sikahulumeni, njegoba kuphume kumyalelo kaMengameli wezwe uMuzu Cyril Ramaphosa.

Kuphinde kwavela esitatimendeni ukuthi , lokhu kulandelwa isicelo esivele emndenini womndeni wakwaMahlaba ocele ukuthi (uMahlaba),  angwatshe kusigaba sikahumumeni.

“UMndeni ucele ukuthi angcwatshwe ngaphansi kwesigaba sikahulumeni,” kulanda isitatimende, siqhube sithi , uMahlaba usebenze njengosihlalo wosihlalo kwisishayamthetho saKwaZulu-Natal, waba ngungqongqoshe wezokuhlasiswa kwabantu kanye nokusebenzela umphakathi  (Chair of Chairs), waba ngusihlalo kaKhongolose esiFundeni eMalahleni ,  waba yiMeya yaseNewcasltle esadla anhlamvana, waphinde waba ungqongqoshe weZemidlalo, ubuCiko kanye nezamaSiko.

UMbatha uthe esitatimendeni, uMahlaba ubambe iqhaze elikhulu kwezombusazwe , ezobuholi kanye nokuthuthukiswa kwezimpilo zabantu esifundazweni saKwaZulu-Natal.

Uthe esitratimendeni, uzokhumbuleka egalelweni lakhe ebuholini lwezakhamizi , ebuholini besifundazwe kanye nasemndenini wakhe njengobuqotho bakhe.

Isitatimende siphethe ngokuthi uMahlaba uzobekwa endaweni yakhe yokugcina mhlaka 11 Julayi 2026

Isikhathi: ngungu 9 ekuseni

Indawo: ​St Matthews Anglican Church, Nkande Village, eNquthu

 

 

 

Related Articles

Back to top button