News

Zisale dengwane izakhamizi kusha imijondolo, eMsunduzi

ISALE inje imijondolo kuqubuka umlilo.Izithombe.ZITHUNYELWE

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi ebambisene neProvincial Disaster Management Centre (PDMC), basahlola umonakalo odaleke ngenkathi kusha imijondolo eJika Joe Informal Settlement eMsunduzi okwenzeke 11 Julayi 2026.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango uCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” uMsunduzi Fire and Rescue  Services , bakwazile ukuwucima umlilo ungakabhebhetheki indawo yonke, kanti futhi isaphenywa nembangela yomlilo.

Uthe esitatimendeni, kucekeleke phansi imijondolo engu-427 kanti amafomu ophenyo asegcwaliswe ngabantu abangu-294.

Uqhube wathi esitatimendeni, kulimele abantu abane kulesigameko kanti futhi bathola ukwelashwa esibhedlela, kodwa umuntu oyedwa usadukile ngenxa yalesigameko.

UButhelezi uthe esitatimendeni, imijondolo ivamisile ukuthi ikhahlanyezwe yimililo yequbula futhi njengoba kuyisikhathi sasebusika abantu babasa izimbawulo, balale nazo bese beyandlula emhlabeni.

Uqhuba wathi esitatimendeni, lokhu kubangelwa ukwehla kwezinga lokushisa , bese abantu bebasa izimbawula, nokunye okuyizifudumezi, bese kuba nemimoya enamandla, ebhebhethekisa imililo.

“UButhelezi ubonge kakhulu kwababhekelele ezezinhlekelele ngokushesha bawunqande lo mlilo wequbula,” kusho uMzila, eqhuba ethi, ufisela bonke laba abalimele ukuba basheshe balulame.

Uqhube wathi esitatimendeni, bayaqhubeka ngokuthungatha lo muntu oyedwa odukile.

 

Related Articles

Back to top button