News

Kubhidlike isakhiwo sebandla eThekwini

SISALE sinje isakhiwo sebandla. Izithombe.ZITHUNYELWE

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdaba (uCogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi ebambisane neProvincial Disaster Management Centre (PDMC), bangenelele kubhidlika indlu yebandla eBuhleni Village eNanda, eThekwini ngoMsombuluko mhlaka 13 Julayi 2026.`

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela umnyango uCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” kubhidlike isakhiwo sebandla elingamamitha angu-18, kwavaleleka amakholwa angu-20,   isihlabathi kanye nemfucuza.

Uthe esitatimendeni, amakholwa angu-8 aphuthunyiswe esibhedlela kwathi amabili wona alimala kakhulu.

“Abatakuli bayaqhubeka ngokubheka abagqitshwe isihlabathi kanye nemfucuza,” kushoi uMzila esitatimendeni.

Uqhube wathi esitatimendeni, abatakuli babhizi endaweni yesigameko futhi basathungatha laba abagqibekile, abangakatholakali.

Uthe esitatimendeni, abatakuli kanye nabakaMasipala eThekwini multidisciplinary emergency services , babhizi ngokuzama ukutakula abasagqibekile.

Uqhube wathi esitatimendeni, uButhelezi ubonge kakhulu amathimba ezenhlekelele ngokushesha aphuthume endaweni yesigameko asheshe atakula ebebegqibekile.

Uphinde wathi esitatimendeni, sibonga kakhulu kwabesilisa nakwabesifazane ngokuhlala besebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuze baphephise izimpilo zabanatu.

Uthe esitatimendeni, imikhuleko siyibhekise kulaba abalimele kanye nasemindenini yabo futhi sibafisela ukuba balulame ngokushesha, ngalesikhathi esinzima.

Uthe esitatimendeni, abe PDMC, baxwayisa izakhamizi ukuba ziqhele ezindaweni lapho kuqhubeka khona ukwakha njengoba kuyingozi.

Uphethe ngokuthi esitatimendeni, zizolokhu sisiqaphile isimo kuze kutholakale bonke abagqibekile.

Related Articles

Back to top button