News

Uhulumeni usechazele iPhalamende, ngokungenelela ekulethweni kozinzo kuMasipala iMpendle

NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (uCogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi usechazele i-National Parliament’s Select Committee on Cooperative Governance and Public Administration , ngokungenelela kukaCogta KwaZulu-Natal ngokusebenzisa isigaba 139 (1) (b) ( KZN Provincial Executive Council ), (to formally invoke Section 139(1)(b) of the Constitution), kwase kufakwa uMasipala iMpendle ngaphansi kweso lomlawuli, njengoba lo masipala ubusuwe ngophondo.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uCogta KwaZulu-Natal uMnuz Senzelwe Mzila sithi:”Lo masipla iMpende ubungasebenzi kahle neze neze.”

Uthe esitatimendeni, lo masipala ubusuhluleka nokukhokhela abasebenzi kanye namakhansela amahholo ngesikhathi, Kubeka izimpilo zabasebenzi encupheni.

Uqhube wathi esitatimendeni, nokuhanjiswa kwezidingo kubantu bekugqoza, yingakho ebona kufanele ukuthi ufakwe ngaphansi kweso lo mlawuli.

“Okubuhlungu okwenzekile imali engu-R43.5 million enguxhaso eyabe ibekelwe ukuhambisa izidingo ezifana nokwakhiwa komgwaqo, ukuphakelwa kwamanzi kanye nogesi ayisebenziselwanga lokho kodwa yenza okunye , eyayingabekelwe kona,” kusho uMzila esitatimendeni.

Uqhube wathi esitatimendeni, isona sizathu esenze ukuthi  manje ngoJulayi 2026, ngibone kufanele lo masipala ukuba ufakwe ngaphansi kweso lo mlawuli.

“Lo masipala uhlulekile ukukhokhela uSARS, medical aid scheme, Pension funds kanye ne unemployed insurance fund (UIF), lokhu obekubeka izimpilo zabasebenzi encupheni,” kusho isitatimende.

Uthe esitatimendeni, lokhu kudale ukuthi kusukume usihlalo weMpendle SAMWU uMnuz Mzwandile Zuma, anxuse ukuthi uCogta angenelele kulesi simo, ukuze kuvikeleke abasebenzi.

Uqhube wathi esitatimendeni, abasebenzi kumele bavikeleke nezidingo zabe zithathelwe phezulu.

“ Asifuni ukutghi izisebenzi ezingafuni ukusebenza zilandela umthetho zibeke encupheni izisebenzi ezisiza izakhamizi, yingakho sisebenzise isigatshana 149 (1) (b), ukuze sibuyise uzinzo.

 

Related Articles

Back to top button