Community

Kuvulwe ngokusemthethweni umtapo wolwazi oseqophelweni eliphezulu, eDannhauser

YINKOSI uMadoda Nkosi, nguMeya waseDannhauser uKhansela Bongane Radebe, uNgqongqoshe uMntomuhle Khawula kanye noMeya waseMajuba uKhansela Thembelihle Mthembu. Kwezinye ngamalunga omphakathi.Izithombe. LANGELIHLE CHAGWE

KUVULWE ngokusemthethweni umtapo wolwazi (library officially opened),oseqophelweni eliphezulu (State of the Art), kwaMdakane, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngoLwesihlanu mhlaka 24 Julayi 2026.

UNgqongqoshe weZemidlalo, ubuCiko kanye namaSiko , uMnuz Mntomuhle Khawula, uthe siwulethe kini lo mtapo wolwazi osezingeni eliphezulu ukuba niwusebenzisa , owenu abadala nabancane, kumele niwuphathise kuhle kwezikhali zamaNtungwa.

Uqhube wathi, lo mtapo wolwazi uzoshintsha izimpilo zenu, awulethelwanga ukuba ningawusebenzisi.

“Wusebenziseni lo mtapo wolwazi njengoba uzoshintsha izimpilo zeni,”kusho uKhawula.

INkosi yaseMkhandlwini eMalangeni KwaNkosi-Traditional Authority, iNkosi Madoda Nkosi , ithe kuyintokozo ukuba nomtapo wolwazi osezingeni eliphezulu ngaphansi kwesizwe saKwaNkosi.

Uqhube wathi , uphatheni kahle singathi siyabuya kusasa sifike sewucekeleke phansi njengoba nezizukulwane kumele ziwusebenzise lo mtapo wolwazi.

UMeya waseDannhauser uKhansela Bongane Radebe, uthe siyajabula ukuba nomtapo wolwazi wolulu hlobo, njengoba uzosiza izakhamizi okubalwa kuzo abafundi, amathishela kanye nabantu abadala.

Uthe lo mtapo wolwazi uzovuselela izimpilo zethu.

UMeya waseMajuba uKhansela Thembelihle Mthembu naye uncome kakhulu ukuba kwakhiwe kuphinde kuvulwe ngokusemthethweni umtapo wolwazi kwisiFunda aMajuba, njengoba yena ebezothula isikhulumi sosuku uKhawula

Akugcinanga ngokuvulwa ngokusemthethweni umtapo wolwazi kodwa kuphinde kwanikelelwa ngamajezi ebhola ezikoleni., ezakhele lo mtapo wolwazi.

Related Articles

Back to top button