
Uhulumeni wendlulise amazwi enduduzo kundlula emhlabeni oyedwa ngenxa yomlilo eMsunduzi
BEKUNGENKATHI kukhucululwa emijondolo i-Coal Yard informal settlement.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta), uMfu Thulasizwe Buthelezi, wendlulise amazwi enduduzo kumndeni, izihlobo kanye nakubangani, emva kokundlula emhlabeni komuntu oyedwa kuhlasela umlilo emijondolo i-Coal Yard (Coal Yard informal settlement shack fire), eMalahleni , eWadi 32 ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi, ngeSonto ekuseni mhlaka 26 Julayi 2026.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uCogta uMnuz Senzelwe Mzila sithi:” Kushone umuntu oyedwa kwacekeleka phansi imijondolo engu-22 kwakhahlazameka izakhamizi ezingu-66, kuhlasela umlilo okungakaziwa ukuthi udalwe yini.
Uthe esitatimendeni, lona ondlule emhlabeni uthole ukulimala wabe esendlula emhlabeni, emva kokuba ephuthunyiswe ngemoto yosizo lokuqala oluphuthumayo.
UButhelezi uthe esitatimendeni, sithanda ukwendlulisa amazwi enduduzo emndenini, abangani kanye nakuzihlobo.
Kuphinde kwavela esitatimendeni, ukuthi umnyango uCogta ubhizi uhambisa usizo kulaba abakhahlazakemile.
Uqhube wathi esitatimendeni, i-The Provincial Disaster Management Centre (PDMC), ibhizi ixhumana noMasipala uMsunduzi kanye nezinye izinhlaka ukuze kuhanjiswe usizo kulaba abakhahlazamekile, kanti futhi kusabhekwa umonakalo odalekile ukuthi ungakanani..
“Isizini yobusika iletha okuningi okubucayi okufana nemililo yequbula, ikakhulukazi emijondolo esuke yakhe ngokungaqhelelani noma isuke icinene,”kusho yena esitatimendeni, eqhuba ethi, ngixwayisa izakhamizi ukuba uma zisebenzisa izifudumezi , ezifana nezimbawula, amakhandlela, izitofu zikapharafini, kanye nezinye izifudumezi ukuba ziqinisekise ukuthi bayazicima ngaphambi kokuba balale noma uma behamba ezindlini.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, abezezinhlekelele basiqaphile isimo kulendawo.



