Community

Yekelani ukuzalisa izingane zabantu bese niganwa ngamatshitshi,eNewcastle

NGUNGQONGQOSHE, ziMeya amaKhosi, amadoda, amadododana, amabutho kanye na,khansela.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE

YEKELANI ukuzalisa izingane zabantu bese niganwa ngamatshitshi madoda!

La mazwi ashiwo nguNgqongqoshe wakwaCogta uMfu Thulasizwe Buthelezi ngenkathi ebethula inkulumo yakhe embizweni yamadoda kanye namadodana ebibanjelwe ehholweni i-NATU Centre, eMadadeni, eNewcastle,eNyakato NekwaZulu-Natal mhlaka 28 Julayi 2026.

Uthe , zinje zinje izingane zabafana injengoba azikhuliswa ngobaba kodwa zikhuliswa ngomama bodwana senibazalise izingane nase nibalaxaza naganwa ngamatshitshi.

“Abafana bagcine bekhilswa ngomama njengoba niuabazalisa bese niyahamba nibashiye niganwe ngamatshitshi,” kusho uButhelezi.

Uthe , abantu ababhalisele ukuvota futhi bavotele abantu abaqotho, njengoba amanye amakhansela agcinwa mhla evotelwa.

Uphinde wanxusa amakhansela ukuba asondelane nabantu , aphinde ahlale nabantu.

USihlalo waMakhosi eMajuba iNkosi uZwane uthe, singamadoda kumele sibe ngabaholi, sivikele imindeni yethu, silwisane nobugebengu.

Uthe amadoda kumele ehlise ezidakamizweni nakudlame, olubhekiswe emakhaya (domestic violence), kanti futhi nakuyo intsha kumele yehlise ezidakamizweni kanye nokuzimbandakanya namagenge.

Uphethe ngokuthi asiwuvikeleni umhlaba.

UMkhuzi wamaphoyisa kusiFunda aMajuba uMajor-General Fred Alexandra uthe, bomama kumele nani nisitotose.

Uqhube wathi enkulumeni yakhe amagenge , noma laba bafana ebebenza udlame ezikoleni nasendaweni yasOsizweni bebefakwe mabhande, futhi bephatha nemimese emikhulu lena okuhlatshwa ngayo izinkomo.

Uthe bebelwa, ezikolweni, ezinkundleni zemidlalo kanye nasengomeni kodwa ngokungenelela phakathi kwamaphoyisa abaelaphi bendabuko kanye nezinye izinhlaka zikahulumeni nabezezinkolo sekuthe damu.

Uqhube wathi , siyadlwengula thina madoda, kanti futhi amacala okudlwengula enziwa ngabantu abamnyama angamaphesenti angu-90, kanti futhi amacala okushaya adlangile kulesiFunda Amajuba kanye nophuzo oludakayo njengoba sihamba phambili KwaZulu-Natal.

 

 

 

Evula ngokusemthethweni lolu hlelo, iMenenja kaMasipala wesiFunda Amajuba, uNkk Mkhize, igcizelele ukuthi omunye wemigomo ebalulekile yoMkhandlu ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi ziyafinyelela kubantu.

UNkk CB Mkhize uthe uMasipala awugcini ngokuhlinzeka ngezidingo eziyisisekelo kuphela, kodwa unesibopho sokwakha imiphakathi ezokwazi ukuzimela nokuphumelela.

IMeya kaMasipala wesiFunda Amajuba uKhansela Thembelihle Mthembu ithe le mbizo ayigcinanga ngokugubha iyyanga yamadoda kuphela, kodwa ibimayelana nokubhekana namaqiniso nokuthola izixazululo ezizokwakha umphakathi ongcono.

“Namuhla sihlangene ngenhloso ebaluleke kakhulu. Asihlangananga nje ukuzogubha iNyanga Yamadoda kuphela, kodwa sihlangene ukuze sixoxe ngobudoda, sibhekane namaqiniso futhi sifune izixazululo ezizokwakha amadoda angcono, imindeni eqinile kanye nomphakathi ophephile.”IMeya iveze ukuthi ukuba yindoda akusho ukuba namandla kuphela, kodwa kusho ukuthwala umthwalo wemfanelo, ukuba nobuholi, ukuzithiba, ukuhlonipha kanye nokuvikela abanye.

 

 

Related Articles

Back to top button