
Ibe yimpumelelo imbizo yamadoda namadodana,eNewcastle
NGUNGQONGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi, amaKhosi ziMeya eyaseMajuba uKhansela Thembelihle Mthembu, uMeya waseMadlangeni uKhansela Lucky Buthelezi, amabutho, amadododa, amadodana kanye namakhansela.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
IBE yimpumelelo imbizo yamadoda kanye namadodana ebihlelwe nguMasipala wesiFunda aMajuba ubambisene noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu (Cogta), KwaZulu-Natal , obubanjelwe eNATU Centre, eMadadeni, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngoLwesibili mhlaka 28 Julayi 2026.
UNgqongqoshe wakwaCogta uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe, kubi ukuzwa ukuthi indoda ibulale unkosikazi kanye nezingane, ngoba lokho kusuke kungakhombisi ubudoda ,indoda eqotho kumele ivikele iphinde yondle umndeni wayo.
“Singamadoda kumele sibe nezimfundiso ezinhle emndenini yethu kanye nasemiphakathini esiphila kuyona,” kusho uButhelezi, eqhuba ethi, yini ozoyifundisa ingane yakho uthenga izinto zokwebiwa noma ezokuntshontshwa.
Uthe , amasela amaningi ngamadododa, ubugebengu obuningi benziwa ngamadoda njengoba amadoda ethenga izinkomo zokwebiwa ebusuku.
“Ngabe awekho amasela ukube awekho amakhasimende ezinkomo angamadoda,” kusho uButhelezi ethula inkulumo yakhe yosuku.
Uqhube ,wathi asakheni amadodana ukuze abe ngamadoda aqotho akusasa.
“Zihlonipheni madoda, niphinde nihloniphe nemindeni yenu,” kulanda uButhelezi,
Uthe , ezokuxhumana zobuchwepheshe (social media), zidunga imiqondo yezingane, futhi yiyo lena eyenza ukuba izingane ziphume esandleni.




