Church

Ibandla iSibusiso seNkosi Baptist Church in Zion likhiphe umculo omusha wokholo,Osizweni

NGAMALUNGA ebandla akhiphe umculo wokholo.Izithombe.ZITHUNYELWE

IBANDLA iSibusiso seNkosi Baptist Church in Zion, eliholwa ngu-Archbishop PS Dlamini, selikhiphe umculo omusha wokholo osutholakala ezinkundleni ezahlukene zokuxhumana kanye nakuma-platform omculo online.

“Leli bandla lithi ukukhishwa kwalo lomculo kuyingxenye yombono walo wokuqhubeka nokusabalalisa ivangeli le Nkosi, ukukhuthaza amakholwa kanye nokusebenzisa umculo njengendlela yokufinyelela kubantu  abaningi,” kusho isitatimende.

Isitatimende esithunyelelwe iphephandaba sithi:”Ngokusho kwebandla, umculo wokholo udlala indima enkulu ekuqiniseni ukholo, ekuletheni ithemba, ekududuzeni imindeni nasekusondeleni kwabantu kuNkulunkulu.

:I-Sibusiso Ibandla Lenkosi Baptist Church in Zion iphinde yabonga amalungu ebandla, abalandeli bayo kanye namanye amabandla aseZion aqhubeka nokweseka umsebenzi wayo.

“Ibandla linxuse umphakathi waseNewcastle, e-Amajuba District, KwaZulu-Natal kanye naseNingizimu Afrika yonkana ukuthi ulalele, wabelane futhi weseke lo mculo ezinkundleni ezahlukene online,” kusho isitatimende.

“Leli gxathu liphinde lamukelwe njengenye yezindlela amabandla aseZion asebenzisa ngayo ubuchwepheshe besimanje ukukhulisa ukufinyelela komlayezo wokholo kubantu abasha kanye nasemiphakathini eyahlukene.

“Ibandla lihalalisele amaZion aseNewcastle namaphethelo, lathi lifisa ukuthi umculo walo uqhubeke nokuba yisibusiso emindenini nasemiphakathini eminingi,” kuphetha isitatimende

.

Related Articles

Back to top button