Church

I-South African Church Defenders ibimasha ngenhloso yokuphikisana ngukulawulwa uhulumeni

NGABAMABANDLA bemashela ukuphikisana nokulawulwa nguhulumeni.Izithombe.ZITHUNYELWE

INHLANGANO i-South African Church Defenders (SACD),  eholwa nguSihlalo wayo uPastor Mukhuba, ibimasha ngenhloso yokuginisa umkhankaso wayo wokuphikisana nanoma yiluphi uhlelo lokufakwa kwe-regulator ezolawula amabandla kanye nezenkolo eNingizimu Afrika, izolo mhlaka 10 Agasti 2026, eLimpopo.

Isitatimende esithunyelelwe leli phephandaba sithi:” uPastor Mukhuba, ehambisana nabefundisi, abaholi bamabandla kanye nezinkulungwane zamakholwa, uthumele umyalezo oqondile kuhulumeni wokuthi iBandla ngeke lihlale lithule uma inkululeko yalo yokukhonza, ukuzimela kanye nokusebenza ngokwenkolo isengcupheni.

“Lokhu kubonakale ngemashi enkulu ebibanjelwe ePolokwane, eLimpopo, lapho izinkulungwane ngezinkulungwane zamaKrestu zihlangane khona, zamasha ngezwi elilodwa zithi: “HANDS OFF THE CHURCH!”

“ I-South African Church Defenders ithi uhulumeni kumele aqonde ukuthi ukukhathazeka kwamabandla akusona isikhalo esizodlula nje kuphela, kodwa kuyisimo esidinga ukuphendulwa ngokucacile nangokuphuthumayo.

“Inhlangano igcizelele ukuthi ngeke yamukele izinhlelo ezingase ziphenduke indlela yokuphazamisa, ukucindezela noma ukulawula ngokweqile ukusebenza kwamabandla,” kulanda isitatimende.

“Abefundisi namakholwa bathi iBandla linendima enkulu emphakathini — lisiza abampofu, lisekela imindeni, lilwa nezidakamizwa, ubugebengu, udlame,indlala kanye nezinye izinselelo zomphakathi — ngakho akumele liphathwe njengento okumele ilawulwe ngaphandle kokulalelwa ngokugcwele.

Kuphinde kwavela esitatimendeni ukuthi uhlu lwezikhalazo ludluliselwe ehhovisi likaNdunankulu waseLimpopo, lapho izikhalo kanye nezimfuno zomphakathi wamaKrestu zibekwe khona ngokusemthethweni.

“UPastor Mukhuba kanye ne-South African Church Defenders, bathi umkhankaso awupheli ngemashi eyodwa. Bazimisele ukuqhubeka nokusebenzisa zonke izindlela ezisemthethweni nezokuthula ukuqinisekisa ukuthi izwi leBandla liyazwakala,” kuqhuba isitatimende..

 

“IBANDLA ALIDLALI. INKULULEKO YEZENKOLO AYITHENGISWA, AYIXOXISWANWA NGAYO NGAPHANDLE KWEBANDLA, FUTHI ANGEKE SITHULE UMA AMALUNGELO AMAKHOLWA ESENGCUPHENI.”

UHULUMENI KUMELE AZWE.

IBANDLA LIMI NGOBUNYE.

IBANDLA ALIHLEHLI.

TOGETHER WE STAND.

TOGETHER WE DEFEND.

#HandsOffTheChurch #DefendTheChurch #SouthAfricanChurchDefenders #ReligiousFreedom #ChurchMustBeHeard

Related Articles

Back to top button