Community

Uhulumeni ubeyingxenye yokuvulwa kwetshe lesikhumbuzo zika Deokaran,eThekwini

NGUNDUNANKULU wesiFundazwe uMnuz Thami Ntuli kanye nomndeni, izihlobo, abangani baka Deokaran.Izithombe.ZITHUNYELWE

UNDUNANKULI esiFundazweni saKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ubeyingxenye yokuvulwa kwetshe lesikhumbuzo (memorial monument), sikaBabita Deokaran kukhunjulwa yena futhi kugujwa nosuku lo mama izolo mhlaka 9 Agasti 2026.

Kuzokhumbuleka ukuthi uDeokaran wadutshulwa wabulawa njengoba wayelwisa nezenzo zenkohlakalo ezazenzeka esibhedlela saseThembisa, okwenzeka emva kokudalulo inkohlakalo.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uNtuli, uMnuz Lindani Mbatha sithi:” Kuvulwe itshe lesikhumbuzo likaDeokaran, obekubanjelwe eShri Marriammen Temple Heritage Site,eMount Edgecombe, eThekwini, lapho akhulela khona (uDeokaran).

Uthe esitatimendeni, sekuphele iminyaka emihlanu selokhu adutshulwa wabulawa uDeokaran ngo Agasti , 2021, emva kokuba aveza izenzo zenkohlakalo,esibhedlela saseThembisa ,eGoli.

Related Articles

Back to top button