Crime

Ube yimpumelelo umkhankaso wokulwisana nokusetshenziswa kwezidakamizwa,eMzinyathi

ZIDAKAMIZWA ezishaqwe kuboshwa abasolwa ababili.Isithombe.SITHUNYELWE

UBE yimpumelelo umkhankaso wokulwisana nokushushumbiswa kwezidakamizwa kanye nokuzisebenzisa, emva kokuba amaphoyisa ophiko lweNquthu SAPS Task Team, abenemkhankaso wawo enkabeni yedolobha laseNquthu, lapho ebophe khona abasolwa ababili abaneminyaka engu-25 nengu-32 , kwelokutholakala nezidakamizwa, izolo mhlaka 9 Agasti 2026.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uSergeant Siyabonga Nkwanyana sithi:”Kuboshwe abasolwa ababili abaneminyaka esukela kwengu-25 nengu-32 , emva kokuba betholakale nezidakamizwa.

Uthe esitatimendeni, laba basolwa batholakale nezidakamizwa ezingu-125 zamaphilisi ohlobo lweMandrax ,amaphilisi ewunga engu-246 (capsules of Whoonga ) kanye nezikhwamana ezingu-66  zecrystal meth (small bags containing suspected crystal meth).

Uthe esitatimendeni, ngaphezu kwalokho oyedwa wabasolwa utholakale nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu

Uqhube wathi esitatimendeni, isibhamu esitholakele sizohamba siyohlolwa ukuthi asikaze simbandakanyeke ezenzweni zobugebengu ezweni.

Uphethe ngokuthi esitatimendeni, bobabili laba basolwa bazovela eNkantolo kaMantshi waseNquthu maduzane bebhekene namacala okutholakala nezidakamizwa.

 

Related Articles

Back to top button