News

Uhulumeni unxusa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela,eKZN

IMIGWAQO injena eminye isivaliwe.Izithombe.ZITHUNYELWE

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal (Cogta),uMfu Thulasizwe Buthelezi , unxuse abashayeli bezimoto ukuba bashayele ngokukhulu ukucophelela lokhu kulandelwa ukuhlasela kwezimvula ezinamandla, umkhithiko kanye namakhaza ashubisa umkantsha.esiFundazweni saKwaZulu-Natal.

Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela uCogta uMnuz Siboniso Mngadi sithi:” uButhelezi usenxuse abashayeli bezimoto ukuba bashayele ngokukhulu ukucophelela njengoba kuhlasele izimvula ezinamandla, umkhithiko kanye namakhaza ashubisa umkantsha ezinxenyeni ezithize siFundazwe saKwaZulu-Natal, osekuholele ekutheni umgwaqo uR617, ugcine usuvaliwe.”

Uthe esitatimendeni, ngokwemibiko yabezezinhlekelele esifundazweni, imigwaqo emikhulu ikhahlamezekile ilezimvula ezinamandla ezihambisana nomkhithiko.

Uqhube wathi esitatimendeni, umgwaqo uR617 (Underberg to Swartberg / Kokstad via Kingscourt), usuvaliwe.

“UR56 (Kokstad towards Matatiele), wona awukavalwa kodwa unamanzi amaningi,” kusho uMngadi esitatimendeni, eqhuba ethi,uN2 (Kokstad towards Beestekraal), awukavalwa kodwa uyashelela ngenxa yezimvula ezinamandla kanye nomkhithiko,

Elanda ethi, uN2 (Kokstad towards Eastern Cape / Brooksnek, nawo awukavalwa kodwa uyashelelela.

Uqhube ngokuthi axwayisa abashayeli bezimoto ukuba bakugweme ukusebenzisa umgwaqo uR617 between Underberg, Swartberg, kanye  neKokstad.

Uphethe ngokuthi esitatimendeni, abashayeli bezimoto abagweme ukuthatha uhambo olungenasidingo, noma baqinisekise ukuthi bashayela ngokucophelela.

 

Related Articles

Back to top button