News

Kushaqwe izimpahla zombombayi eMpumalanga

ZIMPAHLA ezishaqwe ngamaphoyisa ezingombombayi.Izithombe.ZITHUNYELWE

 

AMAPHOYISA  aseMpumalanga ebambisene nabaqinisekisa ukuthi impahla iqondile futhi ihloliwe i-National Regulator for Compulsory Specifications (NRCS), bayaqhubeka nomkhankaso wabo wokulwisana nokushushumbiswa kwezimpahla ezingombombayi.

Mumva nje la maphoyisa kanye ne-NRCS baqeda kugasela Ermelo kanye nase Bethal esiFundazweni saseMpumalanga lapho befike bashaqa khona izimpahla eziningi ezingombombayi, ezibiza amabhiliyoni amarandi.

Isitatimende esithunyelwe ngabezokuxhumana kwaNRCS sithi:” Lezi zinhlaka ziyakuqinisekisa ukuthi ziyawuqinisa umkhankaso wazo wokungeniswa kanye nokushushumbiswa kwezimpahla ezingombombayi.”

“Lokhu kubulala futhi kulimaza umnotho wakuleli njengoba abanikazi balezimpahla ezingombombayi abayikhokhi intela,” kusho isitatimende.

Siqhuba sithi, siqinisa umkhankaso wokuvimbela ukungeniswa kwezimpahla ezingombamboyi lapha eNingizumu Africa, ukuze zivikele umnotho wethu.

“Kulonyaka zimali u-2026/27 sesikwazile ukuthi sisuse izimpahla ezingombombayi ezingabiza R3.3 billion,” kusho isitatimende, siqhuba sithi, lokhu sikwenze emikhankasweni yethu engu-15 efaka izinhlaka ezahlukene ezilwisana nalesi sihlava kuzwelonke kanti futhi sisaqhubeka nalo lolu hlelo lwethu lokuvimbela ukungena kwempahla engombombayi kuleli likaMthaniya.

Itsitatimende sithi:” Ngesikhathi salomkhankaso , sithe uma sigasela ezindaweni ezithize ezigcina impahla sashaqa impahla engumbombayi engabiza R6 billion, okubalwa kuyo izinto zokufraya (fryers(, amafeni (fans), izinto zokusebenza emabhusha (butchery scales), amaphepha okuya endlini encane (toilet papers), izimpahla zokwakha, izikwama zikapulasitiki zokufaka impahla (plastic carrier bags), izitofu zikapalafini (paraffin stoves), izicathulo zokuphepha (safety footwear), izifudumezi zikapalafina,  imithi yokubulala izinambuzane, ofishi abasemathinini (canned fish), ufishi obandayo (frozen fish), okokomisa izinwele (hairdryers), kanye nemishini kagesi.

Isitatimende siphethe ngokuthi , sizowuqinisa umkhankaso wethu wokulwisana nokushushumbiswa kwezimpahla ezingombombayi.

Related Articles

Back to top button