
Lugujwe ngendlela ehlukile usuku lomama eMzinyathi
KUNGENKATHI begubha usuku lo omama.Izithombe.ZITHUNYELWE
LUGUJWE ngendlela ehlukile usuku lo mama (Women’s Day), ngokuthi i-JB Mchunu Foundation ibambisene noMzinyathi SAPS District Women’s Network, benzele omama isidlo sasemini (Lunch), ehholweni lenkulisa i-Forestdale Creche Hall mhlaka 10 Agasti 2026.
Isitatimende esithunyelwe ngokhulumela amaphoyisa kwisiFunda uMzinyathi uSergeant Siyabonga Nkwanyana sithi:” Lolu suku bekugujwa ngalo inyanga yomama (Women’s Month), kulolu suku kuphinde kwakhana omama baphinde baqwashisana ngesihlava sodlame olubhekiswe phakathi kwezingane nabesifazane (Gender-Based Violence and Femicide),phecelezi GBVF.
Uthe esitatimendeni, lolu suku luphinde lwavula ithuba lokuthi abesifazane bacobelelane ngolwazi oluzobasiza ukuba bathuthuke, baphinde bavikeleke.
“Ngalolu suku abantu besifazane bathole ithuba lokucobelelana ngolwazi lokuzimela ngakwezomnotho, ezamabhizinisi, ezobuhle , ukuzicwala kanye namanye amabhizinisi azobasiza ukuba bazimele ngakwezezimali,”kusho uNkwanyana.
Uthe esitatimendeni, kuphinde kwanxuswa abesifazane ukuba bavikele abantwana babo, ikakhulukazi abesifazane.
UCaptain Mazibuko omele i-The uMzinyathi District Women’s Network ugqugquzele intsha ukuba bazazi ukuthi bangobani kanye nasekugxileni kwezemfundo ukuze bakwazi ukuthi bazimele ngakwezezimali.
Uphinde wakhumbuza intsha ukuthi yiyona abaholi bakusasa yingakho kumele bazazi ukuthi bafunani futhi bayaphi ngokwezempilo.
Kuphinde kwavela ukuthi kunxuswe abesifazane abanamabhizinisi ukuba bacobelele labo abangenawo kanye nalabo abanawo amabhizinisi asafufusa ,ukuthi bangenze njani ukuze nabo begcine benamabhizinisi asimeme.
UJabulisa Mchunu weJB Mchunu Foundation ubonge zonke izikhulumi ebezithamele wona lo mcimbi,kanye nayo yonke iminyango ebeyingxenye yawo.







