
Inhlansi yethemba uhulumeni ethembisa ukubiyela amasimu eMajuba
NGUMEYA waseDannhauser uKhansela Bongane Radebe, uNgqongqoshe Gwede Mantashe, usekela ngqongqoshe uNksz Phumzile Mgcina kanye nesikhulu sakwaGoldfields uMnuz Benford Makotle.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
INHLANSI yethemba uNgqongqoshe wezimbiwa kanye nowoyela (Minerals and Petroleum Resources), uMnuz Gwede Mantashe ememezela ukuthi kuzobakhona uxhaso lokubiyela amasimu esiFundeni aMajuba.
Ukusho lokhu ngoLwesihlanu mhlaka 14 Agasti 2026, ngenkathi ebehambisana noSekela Ngqongqoshe uNksz Phumzile Mgcina, uMeya waseDannhauser ,kanye nezikhulu zemayini yegolide iGoldfields Mine ,ezonikelela ngezitofu zegesi (gas cooker stoves and gas cylinders), kwizaguga obekwenzeka ehholweni lo mphakathi laseDannhauser
Uthe , sifisa ukubiyela onke amasimu njengoba nani niyazi ukuthi ukudla nomnotho kusemhlabathini.
UMantashe uthe, kuthe uma ngihamba kulesiFunda aMajuba ngabona ukuthi amasimu amaningi awabiyelwe futhi awasasetshenziswa ngenxa yokuthi awabiyeliwe.
Uqhube wathi, akudingeki ukuba izimayini zixoshwe , njengoba zidala amathuba emisebenzi kodwa azilungise amaphutha eziwenzayo emiphakathini okwenza imiphakathi ingazifuni, ezindaweni zayo.
“Sinika wonke umuntu omdala lezi zitofu , hhayi abeqembu, kodwa ngapha eMajuba anisivotelanga njengoKhongolose njengoba sathola amaphesenti angu-11 kuphela (11% votes only), kodwa lokho akusho ukuthi sizonikezela lezi zitofu kwabeqembu kuphela,” kusho uMantashe, eqhuba ethi, siyazi ukuthi nibhekene nenselelo yokubiza kwentengo kagesi kanye nokuhamba kwawo, lezi zitofu zizonisiza ekutheni nipheke ngazo nonge ugesi. UMantashe ukhumbuze izakhamizi ukuba zazi ukuthi kumele ziphathwe futhi ziphatheke.
UMeya waseDannhauser uKhansela Bongane Radebe uthe, ngicela niziphathe kahle lezi zitofu eninikezelwe zona namuhla.
UMnuz Benford Makotle isikhulu seGoldfields sithe:” Niyathandwa bazali bethu futhi noNkulunkulu uyanithanda.Nibalulekile! Uqhube wathi , sisazosebenza iminyaka engu-80 zigubha igolide, kanti lezi zitofu enizitholile ezokuphekela abathandiweyo benu.
Usekela Ngqongqoshe uNksz Phumzile Mgcina uthe, asinalo igolide eDannhauser kodwa namuhlanje nizonikelelwa ngezitofu imayini yegolide esuka eGoli iGoldfields.
Uthe , uhulumeni akanayo imali yokuxhasa izakhamizi kodwa unxenxa osomabhizinisi ukuba baxhase, ngalokho okusuke kudindwa izakhamizi ngaleso sikhathi.
Uqhube wathi, nezindlu siyaye sinxenxe osomabhizinisi ukuba basixhase sinakhele njengoba uhulummeni akanayo imali ebekwe eceleni yokwakha izindlu kanye nokuxhasa ngezinto eziningi.
UKhansela M Kunene naye ubeyingxenye yokunikezelwa kwezitofu zegesi.
Izaguga zibe sezithola ithuba lokufundiswa ukuthi lezi zitofu zisetshenziswa kanjani.







