
Lube yimpumelelo uhlelo lokukhetha izifundo,eDannhauser
NGABAFUNDI abebeyinxenye ohlelweni lokukhetha izifundo.Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
LUBE yimpumelelo uhlelo obelwenziwe nguMnyango weZemfundo esiFundeni aMajuba lapho bekubizwe khona amanyuvesi kanye nezinye izinhlaka ezifana no Eskom nezinye ukuze zizocacisela abafundi bebanga lika-9 (Grade), baphinde bacotshelelwe ngolwazi lwemikhakha eyahlukahlukene ekhona ezweni, abangase bafune ukuyilandela.
Kuphinde kwavela ukuthi laba bafundi babizwe kulolu hlelo ngenhloso yokucotshelela ngolwazi ukuze bakwazi ukukhetha izifundo ezizohambisana nemikhakha abafuna ukuyilandela uma sebeyofunda ezikhungweni zemfundo ePhakeme (choose right subjects).
UMnuz Thatho Thwala obevela esiFundeni aMajuba emnyangweni wezemfundo uthe, sibize abafundi bakulebanga eselibalulwe ngenhla ngenhloso yokubasiza ukuba bakhethe izifundo abazidingayo futhi ezizohambelana nemikhakha abafuna ukuyilandela uma sebephothule ugrade-12.
Uthe , sibabizile ukuze bathi befika ebangeni leshumi babe sebekuqonda ukuthi bafuna ukuyofundelani noma bafuna ukungena ngaphansi kwayiphi imikhakha.
Lolu hlelo luqale mhlaka 11 Agasti 2026 lwaze lwaphela mhlaka 14 Agasti 2026, kanti lolu hlelo lubasize kakhulu abafundi.




